KUZOBE kwehliswa amahlaya ngomculo kwiMthayi Comedy Night:2nd Laughter, eGalaxy Forest Lodge, eManguzi ngoMgqibelo kusukela ngo-7 ebusuku.
Emcimbini kuzobe kushiyelana inkundla iBlaq Diamond, Goldmax, Felix Hlophe, Simphiwe Shembe, Amawele AseChesterville, Siyanda Maphumulo, Mondli Mzizi, Nonto R, DJ Zaizo, Charles Mthethwa, Jabulani S Sibiya, Gedlembane waseSwatini, Avele Mgewu, DJ Tsirry, Njabulo The Drummer, Hallo M, Penny Ntuli weGagasi FM nabanye.
Omunye wabagqugquzeli bomcimbi, uCebo "Captain Nyawo" Mthembu wodumo kuZalo, uthe bahlose ukujabulisa abantu abazobe behambele Umkhosi WoMthayi Marula Heritage Festival, esigodlweni eMfihlweni kule ndawo.
”Sathola ukuthi lo mkhosi ushesha uphele ngabo-4 ntambama, bese abantu bephenduka ondingasithebeni. Sebengasazi ukuthi yini enye asebezoyenza. Sabe sesithi asibenzele umcimbi ozobajabulisa. Ngenxa yokuthi silindele abantu bamazinga ahlukahlukene, sibe sesithi asixube amahlaya nomculo."
Eqhuba uCebo uthe balindele izithameli ezizobe ziqhamuka emazweni angomakhelwane, njengeMozambique naseSwatini.
Yize Umthayi Comedy Night uqeda iminyaka emibili ukhona kodwa Umkhosi WoMthayi wasungulwa ngo-1998 ngenhloso yokuqhakambisa umkhakha wezokuvakasha esifundeni saseMkhanyakude nokuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kweKwaZulu-Natal neMozambique.
Inhloko esabambile kwiTourism KZN, uSbusiso Gumbi, ithe umkhosi ubuye ugqugquzele ukwabelana ngamasiko akuleli namazwe angomakhelwane.
"Umthayi Marula Heritage Festival ungomunye wemikhosi yamasiko ekhangisa ngezindawo ezihlukahlukene ezingamagugu nokuceba kwamasiko akulesi sifundazwe.
UGumbi uthe izivakashi zamazwe ngamazwe zizotika ngobuhle bamagugu aseMkhanyakude anjengeSomkhanda Community Game Reserve, Royal Thonga Safari Lodge, Tembe Elephant Park, Jozini Tiger Lodge neSimangaliso Wetland Park.
UCebo ugqugquzele abantu ukuba baphuthume eTicketPro nasezitolo zaseSpar ukuyozibuthela amathikithi ngoba adayisa okwamagwinya ashisayo.