OWAYENGUMSAKAZI uZukiswa “Zookey” Vutela uthi yena nesoka lakhe, uMacdonald Mailula, bazobonakala bebhekana nezinselelo ezithinta iminyaka othandweni uma sekuqala uhlelo abayingxenye yalo iThokoza Munt’wam.
Kulolu hlelo lezi zithandani zizokwaziwa ngamagama obungoma ezidume ngawo okunguNdlovulati noMcool Chuene.
Ohlelweni kuzobonakala izithandani eziyizangoma nezizobe zikhombisa impilo yazo ngemisebenzi eziyenzayo nsuku zonke.
Uma seluqala lolu hlelo ngo-Okthoba 11, ngo-8 ebusuku, kuzobonakala kulo uKhanyisile Mnguni noZanele Mnguni abadume ngoSlay noZee, kanjalo noKamogelo Sello noSinoyolo Mbotshwa abaziwa ngoMercedes noYolo.
UZukiswa uthe bazovula elinye ikhasi ngothando lwabo nabathemba ukuthi ngalo kuzosizakala abaningi.
“Izinkinga esidlule kuzona kwezothando nazo sizoziveza kancane ukuze kubonakale ukuthi sidlule kanjani kuzo size sifike lapho sikhona. Inkinga yethu yokushiyana kakhulu ngeminyaka othandweni nayo iyona esizoyiveza ukuthi isidlulise kuphi futhi sikuphi nayo manje. Okunye indlela esikwaze ukubhekana ngayo nengcindezi eyehlukene emphakathini. Ngingasho nje ukuthi udaba lwethu luzoba ngolumangalisayo kakhulu njengoba lwenze uthando lwethu lwaqina futhi akukholakali,” kusho uZukiswa.
Uthe babe yingxenye yalolu hlelo ngenxa yokuthi bafuna ukuziveza njengabantu abadlule ebunzimeni kwezothando kodwa namhlanje sebela bekhona futhi abasabheki emuva.
"Singabelaphi bendabuko bangempela. Nalokho abantu sifuna bakubone,“ kuchaza yena.
AbeMzansi Magic baveze ukuthi lolu hlelo alufani nezinye, njengoba yize lugcwele abantu abangabelaphi bendabuko, kodwa bazoveza ukuthi umsebenzi wabo nothando abanalo lubenze bahamba ibanga elingakanani futhi babhekana naziphi izinkinga ezintweni ezehlukene ezithinta impilo yabo.