ABACULI abadabuka oGwini okukhona kubo uMbuzeni neChwane Lebhaca, yibona kuphela abazocula bukhona emcimbi kamaskandi Ugu Maskandi Festival.
Abahleli balo mcimbi bathi abantu bazobhema bakholwe njengoba beveze izinguquko kulo mcimbi, ozoba ngomhla ka-30 Septhemba, enkundleni yezemidlalo Ugu Sports and Leisure, eGamalakhe.
UMelusi Khwela, woGu Broadcasting Services okuyiyona nkampani ehlele umcimbi, uthe amalungiselo omcimbi ahamba kahle kakhulu futhi ngawo bafuna ukugqamisa amathalente abanawo esifundeni sabo.
“Kulo nyaka kuningi okuhlukile. Ngakho abalandeli beChwane Lebhaca noMbuzeni abaphume ngobuningi bazojabulela izihlabani zabo zicula bukhoma,” kusho uMelusi.
Uveze ukuthi unyaka nonyaka bazoqhamuka nezindlela ezahlukene zokwenza umcimbi wabo uhehe.
Uthe kulo nyaka baqhamuke nomncintiswano omusha womaskandi abasebancane obizwa ngeNkunzi Isematholeni, uthe ngawo bahlose ukufukula nokuthuthukisa omaskandi abasebancane, ababukeka benekusasa eliqhakazile.
Uthe ozodla umhlanganiso uzothola isamba sika-R70 000.
“Njengoba sigubha iminyaka emithathu lo mcimbi wasungulwa, kulo nyaka siqhamuke nento entsha esiyibiza ngeNkunzi Isematholeni, lapho kuzobe kuqhudelana khona omaskandi abashisayo abasebancane.
Sizama ukuqhakambisa abafana abancane. Ebaculini abazobe bekhona emncintiswaneni singabala uMjolisi, Skweletu, Mlabalaba noNavigator ukubala nje abambalwa.
Eqhuba uMelusi uthe ukuze uvotele inkunzi oyithandayo kumele uthenge ithikithi elibhalwe umculi ofuna ukumvotela ePick&Pay naseTicketpro.
UMelusi uthe yize kuzobe kujatshulwe ngosuku lomcimbi kodwa osomabhizinisi abasafususa basoGwini bazohlomula njengoba bezovunyelwa ukuzodayisa kanti nezindawo zokulala kulindeleke ukuthi zizobe zigcwele phama.
Ephetha uthe amathikithi njengamanje adayisa ubuthaphuthaphu, aweGeneral wuR100, iVIP iwuR650, uthe kubaculi ababoshelwe abantu bazobhema bakholwe.