ZIYANDA izinkinga emdlalweni i-Queendom kuBET(129) njengoba sekuvele izindaba zokuthi kushiya abalingisi abakhonjwa kweminye imidlalo yakwi-e.tv.
USindi Dlathu, Mduduzi Mabaso noThemba Ndaba bangabanye babalingisi osekuvele ukuthi bayashiya kulo mdlalo okungakapheli nonyaka ukhona.
Isolezwe libike ukuthi i-Queendom ikhungethwe yizinkinga zezezimali futhi kusolwa inkampani eyiqophayo i-Clive Morris Productions, ngokubhubhudla imali.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi abalingisi kabajabule ngendlela izinto ezenzeka ngayo, yingakho bekhethe ukushiya kuwo.
“Izinkinga ezikhona zemali zenze abalingisi abaningi balahlekelwa yithemba ngekusasa lalo mdlalo. Okuphoxa kakhulu ukuthi i-Paramount okuyiyona nkampani ebheke konke okudlala kuBET, ayithi vu ngezinkinga ezilokhu zivela.
“UClive wanxusa abalingisi ukuthi baqhubeke nokusebenza njengoba indaba yemali bezoyilungisa kodwa abalingisi bagcina beyekile ukuqopha. Ukuqala kabusha ukuqopha kuqale ngemuva kokutshelwa ukuthi sebezohola futhi akade bekweletwa banikwa imali yabo, umsebenzi wase uqhubeka,” kusho umthombo.
Umthombo uthe uSindi uzobonakala elingisa emdlalweni Isiphetho nala uThemba Ndaba asanda kumenyezelwa njengomunye wabalingisi abasha khona.
UMduduzi kuvele izindaba zokuthi yena uzitholele ikhaya elisha njengoba kusanda kuqala isizini entsha emdlalweni i-House of Zwide.
Isolezwe licele ukukhuluma nomunye noThabo Mpakati wakaBET othe ithimba elisebenza nabezindaba lizoxhumana nabezindaba ngalolu daba.
Uthe akuxhunyanwe noNatalie Mdladla wase-Paramount okunguye ozophendula imibuzo ngalolu daba.
Imibuzo Isolezwe eliyithumelele uNatalie kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.