KUSOLWA umona kwabebezama ukunyundela uDr Qwabe osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokuba wudokotela oyipantsula elihlezi lizithokozele.
Lo dokotela ogamalakhe langempela uSandile Qwabe, udume ngama-video nezithombe enkundleni uTik Tok ehlezi emise okwepantsula noma ezidansela ebonisa injabulo, uzithole esengumgilwa womona enkundleni uTwitter ngenxa yabantu abathi kumele kufakwe isikhalazo ngaye ngoba akagqokisi okukadokotela futhi nokuziphatha kwakhe akufani nokuziphatha komuntu ongudokotela.
Dr Qwabe is very romantic 🥺🥹♥️ pic.twitter.com/2avQAacJZh
— Lebo (@lebohangbokako) March 6, 2023
Kuvele amahlebezi wokuthi kukhona abamcebile eMnyangweni wezeMpilo, bekhalaza ngendlela abukeka ngayo, futhi kunemibiko ethi umnyango usukhiphe incwadi yesexwayiso uyinika lo dokotela ngokuziphatha kwakhe okuthiwa akwamukelekile.
Konke lokhu kususe omkhulu msindo ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bekhala ngokuthi akukho okubi okwenziwe ngoDr Qwabe ozinze eNewcastle, kunalokho unikeza ithemba kubantu abaningi abamnyama abaphila impilo eyiqiniso.
@SthembiD uthe: “UDkt Qwabe ngumfowethu! Umele ubuhlakani bomuntu omnyama noma ngabe ugqoka kanjani. Akumele siziphathe, sibukeke futhi sikhulume njengabelungu ukuze samukeleke. Uyithina futhi thina siwuyena.”
Xolile Xaba wathi: “Abantu abaqondisisi ukuthi ubaluleke kangakanani uDkt Qwaba eNewcastle naseNingizimu Afrika yonkana. Kulula ukuphupha nokufisa izinto ezinkulu uma uzibona kubantu abafana nawe abenza izinto ezinkulu emisebenzini yabo.”
Hands Off Dr Qwabe!!!
— Penuel The Black Pen (@GodPenuel) March 6, 2023
Newcastle Stand Up! 🔥 pic.twitter.com/67IenhxWI1