ABALANDELI bomculi wegqom uBongekile ‘Babes Wodumo’ Simelane, bacela ukuthi intokazi itholelwe usizo lukadokotela wezengqondo ngokushesha.
Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi uBabes ngeSonto ebusuku engene enkundleni yokuxhumana i-Instagram wakhuluma, wakhala waze walala ngesimo ayebhekene naso ngesikhathi ezwa izindaba zokushona kukaMampintsha.
UMampintsha owayeshade noBabes, ngenyanga ezayo kuzobe kuphela unyaka adlula emhlabeni.
Kwi-vidiyo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, uBabes okhala mi izinyembezi uveze ukuthi waphuthuma esibhedlela ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi uMampintsha ushonile.
“Ngathi uma ngiqhamuka ngagijimela kuye esevalwe ngento emhlophe enoziphu. Ngabatshela ukuthi abayisuse ukuze akwazi ukuphefumula bamvaleleni. Mina naye sasike sixoxe ngokuthi uma omunye wethu edlule emhlabeni kuqala asibothatha izithombe sizigcine, nami ngenza kanjalo, ngase ngilala esifubeni sakhe amahora amabili,” kusho uBabes ekhihla isililo esula izinyembezi.
Uveze ukuthi loya mzuzu kuye kwakungathi uyahlanya ekhanda.
“Ngangihamba naye emotweni, ngibatshela ukuthi bayamlimaza uma sihamba emotweni. Umqondo wami wawungekho ekutheni kwenzekeni. Babethi bazomusa kwelinye lamagatsha abo aseBerea, eThekwini kodwa ngathi abamuse ePinetown.”
Abalandeli bakhe banxuse ukuthi uBabes avakashele odokotela ukuze adlule kulesi simo. Abanye bathe bazoyithandazela le ntokazi.
UNgamshishi_Ka_ Mabaso uthe “Ngiyaqonda ukuthi walahlekelwa umuntu owawumthanda kodwa ukuyohlangana nodokotela bengqondo kuzokusiza ngeke kubonakale sengathi uyahlanya”.
UNtibane-emnyama.rsa uthe “Kodwa West Ink queen nxese ntokazi”.
Abanye abalandeli banxuse ukuthi akhulekelwe uBabes ukuze adlule kulesi simo.