SEKUQUBUKE indida ngezithombe zikaKelly Khumalo azifake enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, ebonakala sengathi ukhulelwe.
UKelly ufake izithombe ezithathwe ecula emcimbini iDrakensberg Extravaganza obusoKhahlamba ngoMgqibelo.
Lezi zithombe sisuse inkulumo mpikiswano kubantu mayelana nokuthi ingabe ukhulelwe? Le ntokazi engaconsi phansi kubalandeli bayo, nangamanoni ayo emculweni, isanda kukhipha i-album ethi Bazokhuluma.
Isolezwe lithinta umthombo osondelene noKelly, uphike wama ngentaba.
“Cha akakhulelwe, ngabe sengiyazi. Angikezwa lutho okwamanje,” kusho umthombo.
Leli phephandaba lizamile ukuxhumana noKelly kodwa zombili izinombolo zakhe bezamukela umyalezo kuphela, wagcina engabuyelanga entathelini kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Obhekelele izindaba zikaKelly, uBonnie Meslae, ethintwa uthe akakwazi ukukhuluma wabe esecela intatheli ukuthi iphinde imthinte. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakalanga.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebezibuza ukuthi ngabe ngubani uyise wengane yakhe, abanye badlulisa amazwi okumbongela.
ULomaswati_bucie uthe: “UThingo uzolanywa”.
USneshyxaba uthi: “Kubukeka sengathiukhulelwe”.
UNyalove05 uthe: “Nakanjani ukhulelwe muva nje, ubelokhu esifihla isisu sakhe, ingane yesithathu? Kaze ubani ubaba wayo?”
UBongiwe3583 uthe: “Ngiyazi akumina ngedwa obona ukuthi ukhulelwe”.
UKelly akagcinanga nje ngokufaka lesi sithombe uphinde wafaka esinye futhi khona kwi-Instagram, naso esiphinde saqinisa izinsolo kubantu.
Kusona uKelly ubebonga umuntu omthungele ingubo yakhe njengoba kade eyonandisa endaweni yomtakabani eCo.fie Polokwane.
UKelly muva nje, kuke kwavela izindaba zokuthi usothandweni oluvutha amalangabi nomdlali webhola uMthokozisi Yende. Kodwa bobabili laba abakaze baphawule ngalezi zindaba. Kuvela lezi zindaba nje, uKelly unezingane ezimbili zosaziwayo bakuleli uChristian amthola noJub Jub noThingo amthola nowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.