Omunye wabaqeqeshi abaphambili eMzansi, uBenni McCarthy, ucacise ngamahemuhemu abesabalele ngokubuyela kwakhe kuMaZulu FC nomhlangano wakhe ‘wangasese’ nosomaqhinga weMamelodi Sundowns, uFleming Berg.
UMcCarthy owagila izimanga noSuthu kusukela ngo-2020 kuya ku-2022, uphumele obala wakucacisa ukuthi yize leli qembu laseThekwini like lazama ukumbuyisa kodwa uziqhathululile.
Ngokusho kukaMcCarthy obekhuluma emcimbini weCarling Knockout ngoLwesibili, isikhathi asichithe kuMaZulu siyohlale simqoka kuyena nendlela abaphathi balo abebeyiyona kuyena.
Ngesikhathi samahlebezi, AmaZulu ayesanda kukhomba indlela uPablo Franco Martin, osekuwumlando ukuthi indawo yakhe yavalwa ngo-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi.
“Kuyiqiniso ukuthi umengameli waMaZulu (Sandile Zungu) wangithumela umyalezo sakhuluma ngamathuba ami okubuya kodwa ngaziqhathulula ngenhlonipho,” kusho uMcCarthy.
“Abaphathi boSuthu bangiphatha kahle cishe kunabo bonke abaqashi esengike ngaba nabo kodwa isikhathi sami Osuthwini sesadlula.
“Sengiwumqeqeshi womhlaba ngakho-ke angiboni kungaba umqondo ophusile ukubuyela emuva. Lokhu ngikusho ngenhlonipho enkulu kuMaZulu nabaphathi bawo,” kuqhuba yena.
Ngesikhathi ekuMaZulu uMcCarthy uwasize aqeda endaweni yesibili kwi-log okuwafake kwiCaf Champions League okokuqala emlandweni.
Lokhu kuholele ekutheni uMcCarthy aqokwe njengomqeqeshi ovelele esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) ngo-2020/2021.
Kungenxa yalokhu kuhlabana uMcCarthy ubesematheni ngesikhathi iSundowns ihlukanisa, noRhulani Mokwena, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Ukuphikile lo mqeqeshi ukuthi ukuhlangana kwakhe nosomaqhinga weSundowns, uBerg kwakuthinta indaba yokusayinisana.
“Mina nosomaqhinga weSundowns siyazana ngakho-ke sahlangana esikhumulweni sezindiza ngelinye ilanga saxoxa,” kulandisa yena.
“Leyo ngxoxo ayizange iyithinte indaba yokuqeqesha kwami kwiSundowns. Esakhuluma ngakho ukuthi ngesikhathi esasebenza kwiChelsea FC eyithungathela abadlali, wayezinze ePortugal okuyisikhathi esifanayo nangalesi engangidlalela ngaso i-FC Porto,” kusho uMcCarthy.
Esesonga uthe, esikhathini esingangenyanga uzokwazi ukuthi uyawuthola yini umsebenzi kwelilodwa lamaqembu amathathu e-Major League Soccer (MLS) asemhlole ikhono.