IGCAGCELE esokeni kuphrojusa woKhozi FM, uThozama Ngwenya, iphupho lakhe leminyaka seliqala ukufezeka.
UThozama, onguphrojusa wezinhlelo zasebusuku ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, ulingisa indawo kaThando emdlalweni osematheni kulezi zinsuku kwi-Netflix, osihloko sithi Umjolo: The Gone Girl.
Uthe ukuvela kwithelevishini yinto abevele eyithanda kusukela esakhula eDundee, kodwa yena uzalelwe eTugela Ferry, eMsinga.
"Ngikhula ngisesemabangeni aphezulu esikoleni, ngangihlale ngikhuluma ngokuthi ngifuna ukuzibona ngikwithelevishini. Abantu engangifunda nabo bangakutshela ukuthi iphupho lami kwakuwukuvela kwithelevishini. Umuntu owenza ngabona ukuthi leli phupho lingafezeka, nguDJ Zinhle ngenxa yokuthi udabuka edolobheni elincane kuneDundee. Uma uthenga igilosa enkulu uya eDundee."
Uthe ngaleso sikhathi uDJ Zinhle wayedidiyela izingoma ohlelweni olwalusakazwa kwi-SABC 1, iJikamajika.
"Kwakuthi uma ngimbona kwi-TV ngithi le ntokazi ivela edolobheni elincane kuneDundee kodwa ihlale ikwi-TV masonto wonke. Nami ngingakwenza lokho."
UThozama uthe umlingisi owamenza waba nogqozi lokulingisa emdlalweni wethelevishini nguSophie Ndaba, esenguQueen kwiGenerations.
"Ngangiyithanda indawo kaQueen. Iyona eyangenza ngabona ukuthi ukulingisa yinto engifuna ukuyenza. Ngenhlanhla ngokusebenza emsakazweni ngalithola ithuba lokubonana noQueen, ngamtshela ukuthi uyena owangenza ngakulangazelela ukulingisa kwi-TV."
Uthe ukulubalubela ukulingisa kwi-TV kwamenza washiya umsebenzi ayewenza kwiGagasi FM, wayoqeqeshelwa ukulingisa eGoli, e-Auckland Park.
Uthe ngo-2016 wabe eseqashwa kwi-Generations The Legacy, elingisa indawo kaDipuo, intombi kaMrekza. Uthe wasuka lapho wayoqeqeshwa esikhungweni sezobuciko iDuma Ndlovu Actors' Academy ngo-2017.
Esephothule izifundo zakhe wabe esebuyela eThekwini, ngoba wayeseqashwe wuDuma ukuba azokwenza umsebenzi wokuba ngumxhumanisi weMbewu The Seed nabezindaba.
"Emuva konyaka ngabe sengithola umsebenzi emsakazweni, engangivele ngiqale kuwo."
UThozama uqale ukuphrojusa kwiNanda FM ngo-2011 nakwiZwi Lomzansi FM ngo-2012. Ngo-2013 wajoyina uKhozi FM njengophrojusa wezinhlelo zasebusuku ngaphambi kokuba ikhono lakhe lihlabe umxhwele abaphathi beGagasi, esebenza noKini Shandu.
Ngo-2019 ubuyele oKhozini njengoba esephrojusa iFakumoya, Ndabezinhle neChillaz.
Nasemfundweni akazibekile phansi ngoba uneziqu zeSports Management azithola eDurban University of Technology ngo-2015, nezePublic Relations azithola e-Unisa.
Ngaphandle kokulingisa nokuphrojusa, uThozama ungumdlali oqavile eqenjini lebhola lomnqakiswano iKZN Action Netball Club.