INKANTOLO yeMantshi yaseThekwini izolalela isicelo sebheyili sabesilisa abayisithupha baKwaMashu, ababhekene necala lokusoconga uQedukwazi Theodore Mzimela owayeyinyanga eyayiphinde ibe yikhansela le-ABC eMzinto.
Umufi wasocongwa ngoMashi 15, kuwona lo nyaka, ehamba namathwasa akhe amabili uMnuz Senzo Ngema (34) noMnuz Phumlani Hopewell Mbutho (28) esigamekweni esenzeka eSpringfield.
Isidumbu sikaMzimela namathwasa zatholakala ngaphansi kwebhuloho eliseMngeni zase ziyiswa emakhazeni asePhoenix.
Kwase kunesikhashana kade kuzungeza isithombe sikaMzimela ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa unyamalele akaziwa ukuthi ushonephi.
Imantshi u-Ashwin Sing izwakalise ukunengeka njengoba omunye wabameli babasolwa engalubhadanga enkantolo nokuholele ekutheni kuhlehliselwe inamhlanje ukulalelwa kwebheyili kwalaba.
Abasolwa kuleli cala nguMnuz Mcebisi Mfezeko Mdeni, Mnuz Mthokozisi Goodman Mqadi, Mnuz Bheki Sibiya, Mnuz Ayabongwa Tshibane, Mnuz Mduduzi Mthethwa noMnuz Philane Sanele Hlongwane.
Kuvela ukuthi oyedwa wabasolwa wayekade ethwasiswa ngumufi, uMzimela nowamkhokhisa imali engu-R17 500 ngaloyo msebenzi.
Kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi, lo msolwa wakhala ngokungagculiseki ngomsebenzi awenzelwe ngumufi. Kuvela ukuthi wafuna ukuba umufi ambuyisele imali ngodli.
Ngokuhamba kwesikhathi umsolwa owayethwasiswa - okungakaveli ukuthi ubani phakathi kwabasolwa, wagcina eseshayela ucingo uMzimela emnxusa ukuba mabahlangane eSpringfield, ukuze bezobhunga kabanzi ngalolu daba.
UMzimela kuthiwa wavuma wabe esehamba eyohlangana nalaba ephelezelwa ngamathwaswa akhe amabili.
Abasolwa kuvela ukuthi abachithanga sikhathi, bamdubula bambulala uMzimela base bedubula bebulala namathwasa akhe amabili. Kakuqondakali ukuthi izidumbu zabo zagcina sezifinyelela kanjani ngaphansi kwebholoho laseMngeni.
Laba abathathu kuvela ukuthi babulawa ngesihluku njengoba kuvela ukuthi izidumbu zabo zontathu zatholakala ziboshwe izandla nezinyawo.
UMzimela ngesikhathi ehamba kuthiwa wayehamba ngemoto yakhe iToyota Corolla emhlophe, i-tracker yayo kuthiwa yagcina itholwa eGreenwood Park.
Kuvela ukuthi inkosikazi kaMzimela nayo eyayikade iyinyanga yasocongwa ngonyaka owedlule.
Ngaphambilini, Isolezwe lakhuluma nosondelene nomndeni owazibiza ngokuthi unguKing nowazwakalisa ukudumala ngokusocongwa kukaMzimela.
Izolo bekugcwele enkantolo, kuthe uma imantshi ilihlehlisa icala kwakhona abesifazane abanikina amakhanda bekhulumela phansi, bethi inkantolo yenza kancane.
Kakucaci ukuthi laba besifazane bebezoseka abasolwa okanye basohlangothi lomndeni wabagilwa.
I-ABC yakhipha isitatimende idlulisa amazwi enduduzo emndenini, yachaza uMzimela nobebeka phambili umphakathi futhi esebenza ngokuzikhandla okukhulu.