OWAYENGUMSAKAZI we-Metro FM, uDineo Ranaka, useveze ukuthi yize enezingane ezingaphezu kwezimbili kobaba abehlukene futhi esanda kuphuma emshadweni omenze wacishe wazonda abantu besilisa, kodwa uyakholelwa ekutheni ngelinye ilanga uzothola umuntu ozomnika uthando aludingayo.
Ngonyaka odlule, uDineo uveze ukuthi usanda kuhlukanisa nomyeni wakhe ashada naye isinyelela, uKlaas Pesha.
Ekhuluma neSolezwe eKapa, emcimbini wokwethulwa kohlelo i-Celebrity MasterChef South Africa, uDineo ukhale izinyembezi echaza ngobunzima ayebhekene nabo emendweni.
“Ngincamela ukuthukwa ngezingane zami eziningi ezinezibongo ezehlukene. Kodwa ayikho into engihlula njengokubekezelela umuntu wesilisa osephume wayophinga ngaphandle nomunye wesifazane. Iyona-into eyenze ngahlukana nabesilisa ebengibambisene nabo kwezothando.
“Uma kuziwa emshadweni ebengikuwona, into engikhiphile ukuzizwa ngingathandwa, ngazibona ngiyisigqila sokuthi njalo kumele ngibuye endlini ngizopheka, nginake izingane, konke kuhlezi emahlombe ami. Kumanje ngiyalizonda ibhodwe ngenxa yokuthi bengiphekela umuntu ongenandaba nami, engibonayo ukuthi akangithandi, ngaze ngathatha isinqumo sokumshiya.”
Uthe kodwa ukuba semshadweni ofana nalona akumenzanga wawuzonda umshado njengoba ekholelwa kuwo futhi esazoshada.
“Ngisazoshada mina futhi uyambona lona wesilisa engithandana naye manje ukuthi uyena umyeni wami. Uma ngikhuluma le ndaba iyangikhalisa ngoba uma ngibuka uthando engikulo manje ilolu ebengiludinga kubona bonke laba besilisa.”
Uveze ukuthi yize abantu behlala bebabuza ukuthi uhlelo olukhuluma ngomndeni wakubo i-The Ranakas lubuya nini, uDineo uthe basahlela njengoba kukuningi okwenzeka bevezela abantu impilo yabo.
Uthe amanye amalungu omndeni akuhlalanga kahle kuwo ukugxekwa nokwabaphatha kabi kodwa maduzane bahlela ukuthi lubuye kwithelevishini njengoba abanye babefunda kulo uma kuziwa ezinkingeni zomndeni.