AMACIKO aKwaZulu-Natal akhala ngokulahlwa nguMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngomcimbi womjaho wamahhashi iDundee July.
UTha Simelane ongunontandakubukwa waseThekwini, ekhulumela ozakwabo neSolezwe Ngempelasonto, ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi ngokusemthethweni, uthe njengomunye wabantu ababekhona kubunjwa iDundee July, kuyammangaza uma umnyango ungasayingeni eyabo.
"Umnyango saqala nawo le nto kusenamatende amabili kodwa namhlanje siyathuka ukuthi ugijimele abantu baseGoli kule minyaka edlule, thina sesisala ngaphandle. Njengoba sizobe siyingxenye yalo mcimbi simenywe inkampani, iJust Vision, hhayi umnyango," kuchaza uTha ngentukuthelo.
Okhulumela uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Oliphant, uzichithile lezi zinsolo, wathi lo mcimbi akuwona owabo kepha wasungulwa uMasipala waseNdumeni.
"Ngeke ngikwazi ukungena kakhulu kulolu daba ngoba thina njengomnyango siyaxhasa kuphela, akusiwona owethu umcimbi. Okhonondayo kumele alandele imigudu efanele," kuchaza u-Oliphant.
Abanye bosaziwayo okulindeleke ukuthi babekhona; ukukha phezulu, kubalwa oKamo Mphela, Dj Tira, Dladla Mshunqisi, Igcokama Elisha, Khuzani namaMageza Amahle.