BAKHEXE imilomo ngenkathi intandokazi yomculo weGqom’ iphuma esiteji ingaqedile ukucula, emcimbini obuseWiseman Car Wash, KwaMashu.
Kuthiwa uBabes Wodumo uyeke ukucula maphakathi nendawo emuva kwesikhathi kubonakala ukuthi uthwele kanzima, namagama engawaphimiseli kahle.
Kuthiwa ungene esiteji ebonakala ukuthi akekho esimweni esikahle futhi kungathi uyadiyazela. Kuthe noma esecula kwabonakala ukuthi ayingangaye, kwaphoqeleka ukuthi adedele abanye abaculi abebezonandisa emuva kwakhe. Konke kwenzeke emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukaDladla Mshunqisi, lapho bekunohlu lwabaculi abahlonishwayo.
Phakathi kwabaculi abebesohlwini, kubalwa iBig Nuz, DJ Tira, Amaroto, Tipcee, Sizwe Mdlalose, DJ Cndo, Shaun Stylist, Slenda da Dancing DJ nabanye.
Umthombo obuhambele umcimbi, uthe basale bedidekile bonke abazifela ngoBabes Wodumo, futhi baze bahlukana emcimbini kungacaci ukuthikwenzakaleni ngentokazi eshade noMampintsha.
"Yazi sivele sangazi ukuthi kwenzakalani futhi sisale nemibuzo eminingiingaphenduleki. Asibonanga ambulensi ifika ngemuva kokuthi ekhishweesiteji. Yingakho sisamangazwe yinto eyenzeke phambi kwethu," kushoumthombo.
Ethintwa uNondumiso “Scoop” Simelane ongudadewabo kaBabes, ophinde akhulumele udadewabo, ubuze intatheli ukuthi ikhuluma ngani njengoba lo mculi ebengumqemane emcimbini kamngani wakhe.
“Yini edala nicabange ukuthi akekho kahle? Kumele engabenina nigxila engomeni yakhe esohlwini lweziqokelwe ukungenela umqhudelwano weNgoma Ehlukanisa Unyaka. Animuyeke manje. Umaningabhali ngokwehla komzimba wakhe, niqhamuka nokunye okwehlukile. Okubuhlungu nje ukuthi yinina zintatheli zesifazane enihlezi nimnaka,” kukhala uScoop.
Uqhube ngokuthi akakaze afonelwe yintatheli yesilisa kodwa uhlushwa ezesifazane futhi uyasola ukuthi zifuna ukuthi aze aphelelwe yimisebenzi.
“Sengiphendula umbuzo wakho-ke, uBabes ubehambele umcimbi omkhulu wokujabula nomngani wakhe njengoba naye esenababukeli abangu- 1 million kuYouTube.
Ubejabule kakhulu ngempulelelo yakhe,” kubeka udadewabo walo mculi.