UFIKE eholwa amabutho umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose eWorkshop ngoMgqibelo emini lapho kade eyothulela khona abalandeli bakhe i-albhamu yakhe ephume ngesonto eledlule ethi Aliboli Icala.
Kulo mcimbi abalandeli bakaKhuzani bacule naye izingoma ezehlukene ezikhona kwi-albhamu kwacaca ukuthi sebeyazazi zonke ngesonto elilodwa nje iphumile.
Abalandeli abakhulume neSolezwe kulo mcimbi ungakaqali bonke baveze ukuthi akushodi lutho kule albhamu njengoba iwukhethukhethi ezingomeni udlala oyithandayo.
Bathe zonke lezi zingoma zinomyalezo ohlukene nokwenza bazijabulele ngokuhlukana kwabo bengabalandeli.
UKhuzani ubonge abalandeli bakhe ngokuqhubeka ngokumxhasa sonke lesi sikhathi wathi kuye bayohlala bengumndeni.
Kulo mcimbi kuqale kwanandisa amavukane kodwa bekhona nabanye abaculi abadumile okukhona kubo uNtencane noQhoshangokwenzakwakhe.
UKhuzani ngisho emakhasini ezinkundla zokuxhumana abanye baveze ukuthi ingoma kulokhu uyishane yafana ncamashi neyezeBhova LikaDikadika uMgqumeni.
UMalava Isoka LakoDlomo uthe: "I-albhamu kaKhuzani ingikhumbuza imagic yeBhova.“
UKhathiskhiye uthe, "Mayakayaka tsotso Mayakayaka. Mhla kwafa uKhuba leli zwe nalo liyofa.“
USiyabonga maSiya uthe, "Khuzani siyabonga nge-albhamu yakho bhuti ishaya kwasani.“
Lo mculi ungomunye wabagaqele ukuthi ingoma yakhe ethi Umjolo Lowo apike kuyo uLuve idle imhlanganiso kweziyishumi ezivotelwa emsakazweni Ukhozi FM kwezohlukanisa unyaka.