BABHEME bakholwa ebebehambele umcimbi wokuvulwa komdlalo weshashalazi oxoxa ngonina weSilo uShaka, iNandi the musical ePlayhouse Drama Theatre, eThekwini ngoLwesine.
Izithameli zigezeke ubebebe kangangoba umdlalo uphele zisalangazelela ukuqhubeka nokubuka ezinye iziqephu. Phambili kulingisa usonkondlo uNtokozo ‘Sngqazu’ Ngcobo, onguNandi omdala bese kube khona noMampho Moshoeshoe, onguNandi esemncane.
Uchaze abantu abaningi umculi uZawadi YaMungu, ngesikhathi egqazuluka ngephimbo lakhe elinkeneneza kunanele izihosha.
Okunye okwenze izithameli eziningi zihlabeke umxhwele yikhono labalingisi ikakhulu u-Andile Vilakazi olingisa izindawo ezimbili, okungekaNomcoba, nekaPhampatha.
Ngeke ubone ukuthi kusalingisa umuntu oyedwa, bekungathi yizintokazi ezimbili. Phakathi kwabanye abalingisi ababonakale emdlalweni odidiyelwe ngu-Edmund Mhlongo, kubalwa u-Aphiwe Bengu owayelingisa indawo kaZulu, noNtokozo Vilakazi owayenguMhlaba emdlalweni wethelevishini, uZulu noMhlaba.
Bakhombisile ukuthi sebenamava emkhakheni wezokulingisa. Ngisho abalingisa indawo yezalukazi bebekuqeda ngensini uma sebehleba uNandi.
Kafushane umdlalo ugxile emlandweni wokuthi uNandi wamkhulelwa kanjani uShaka, nokuthi wabamba liphi iqhaza emkucijeni ukuze agcine eseyiqhawe. Umdlalo ugqugquzela ukuthi abesifazane bakwazi ukuzimela ngisho sebelaxazwe ngamadoda.
Njengoba isiZulu sithi alikho isoka elingenasici, engikuphawulile wukuthi lo mude kakhulu. Kukhona ezinye iziqephu ezingaxoxwa ngothize kunokuthi zilingiswe.
Okwesibili kubalulekile uma kugidwa ingoma kungagcinwa icala. Uma ugida ingoma yaseBergville, uMzansi, kubalulekile ukuba kuvele ukuthi abayigidayo abafuniseli.
Ngaphandle kwalokho, muhle futhi umnandi. Kuningi okungafundwa ngabadala nabancane.
Phakathi kwezicukuthwane ebezikhona kubalwa uZodumo Shange weSibonile & The Dlaminis, uBhekani Shabalala ongumfundisi kowoMkhokha, uBongani Mbatha osebuya kuZalo, uMapule Ngobese weMbewu noMkhokha, uThandeka Ngobese weNanda FM, uMlu Ngcolosi weKZN Film Commission, uJerry Pooe weWushwini Pan African Theatre, umculi kamaskandi uBoneni Magubane, uNontokozo Mkhize ocula noSjava, uKhubisa weNjabulo nabanye abaningi.
Umdlalo uzokhonjiswa namhlanje ngo-2 emini, nango-7 ebusuku bese ugcina kusasa ngo-3 ntanbama.