SEKUVELE ukuthi kushiya abalingisi abangaphezu kwabathathu emdlalweni iThe River kuyimanje kukhonjiswa isizini yesihlanu esiteshini i-1Magic (103) kwiDStv.
NgoMgqibelo, enkundleni yokuxhumana iTwitter, kusabalale izindaba zokuthi uHlomla Dandala, olingisa indawo kaZweli uyashiya kulo mdlalo
.UHlomla uvalelise ekhasini lakhe kwiInstagram, nala eveze khona ukuthi akulula ukushiya umdlalo akade eseyingxenye yawo isikhathi eside.
“Ukuphela kwendawo yomlingisi obese ebe semdlalweni isikhathi eside akumnandi. Ngibafisela inhlanhla bonke ozakwethu abasaqhubeka nokusebenza kulo mdlalo. Ngizonikhumbula,” kubhala uHlomla.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uveze ukuthi uHlomla ubegcina ukubonakala kulo mdlalo, futhi ukuhamba kwakhe kulandelwa abanye abalingisi ababili okunguLawrence Maleka olingisa indawo kaZolani noTango Ncetezo olingisa indawo kaPaulina.
“Kumapeketwane kulo mdlalo. Akukho okubi engikwaziyo okushiyise laba balingisi kulo mdlalo, kungenzeka sekuwufinyelela emaphethelweni kwezindawo abazilingisayo. UHlomla yena ugcinile ukubonakala ngoLwesihlanu esiphuma kulona, laba ke abanye bazolandela ekuhambeni kwesikhathi kodwa khona maduzane. Omunye engingayizwa kahle indaba yakhe uLunathi Mampofu olingisa indawo ka-Emmarentia naye engizwa kuthiwa uyahamba futhi useyazisile nemenenja yakhe,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kulo mdlalo kwenzeka konke lokhu nje, kulungiselelwa ukuqoshwa kwesizini yokugcina yesithupha njengoba abakaMultichoice sebethathe isinqumo sokuwuqeda.
“Sebeyazi ukuthi lo mdlalo uyaphela njengoba sebetsheliwe ukuthi isizini yesithupha ngeyokugcina nokulindeleke ukuthi iphele maphakathi nonyaka ozayo,” kuchaza umthombo.
Ethintwa u-Irvin Pooe weMzansi Magic uthe uma kukhona okumele bakumemezele kwabezindaba ngezinguquko kulo mdlalo, bazothumela isitatimende.