KUNGAMAMPUNGE ukuthi kuyaphela ngomdlalo okhonjiswa kw-e.tv, iBlack Door. Kepha abalesi siteshi bathi kuzoba nezinguquko ezizoqala ngoMeyi.
Lo mdlalo uqale ngonyaka odlule kanti phakathi kwabalingisi abaphambili kubalwa uLinda Sebenzo noZamani Mbatha. Kusabalale izindaba zokuthi kuyaphela ngomdlalo ngenxa yokwehlelwa kwesibalo sababukeli.
Kuthiwe ukukhishwa kweziqephu zocansi yikhona okwenze wehlelwa yisibalo sababukeli, kwenza abaphathi besiteshi bakhethe ukuqeda ngawo.
Abesiteshi i-e.tv, bathi akulona iqiniso ukuthi umdlalo uyaphela.
UThapelo Ramatsui wase-e.tv, uthe awupheli kepha ngeke lusabonakala ucansi emdlalweni kepha kawupheli wona
“Into ezokwenzeka ukuthi ucansi obelubonakala emdlalweni luyaphela. Ngeke ngande ngokuthi yini eholele ekutheni kuqedwe ngocansi kodwa engingakusho ukuthi umdlalo uzoqhubeka nokuxoxa izindaba ezithinta imindeni emibili egqame kuwo, kodwa esakwethula ngawo ngesikhathi uqala ngeke kusenzeka. Siyathemba ukuthi abantu basazoqhubeka nokuwubukela ngoba kuza okuningi kuwona okuzoqhuba umdlalo uye phambili,” kuchaza uThapelo.
Uthe umdlalo usazokhiqizwa nguMandla N, ngaphansi kwenkampani iBlack Brain.
Khonamanjalo bamenyezelwe abalingisi bomdlalo iSmoke and Mirrors, ozovala isikhala seMbewu kulesi siteshi. Lo mdlalo uzoqala ngo-Ephreli 17, ngo9 ebusuku.
Isolezwe libike ngabalingisi abathathu bomdlalo okubalwa uZolisa Xaluva, Meshack Mavuso Magabane no-Ayanda Bandla.
Abanye abalingisi kubalwa uKabomo Vilakazi, Khayalethu Xaba, Lusanda Mbane, Angela Sithole, Siya Raymond, Charmaine Mtinta, Zinhle Mabena, JT Medupe, Herald Khumalo nabanye.