KUSOLWA umbango wokukhonya ekuqoqeni ‘imali yokuvikela’ abanikazi bezitolo kudutshulwa kubulawa abathathu eMinitown, eHammarsdale, ngoLwesihlanu.
Ngokuthola kwaleli phephandaba abafi bebegasele kwesinye sezitolo zabokufika bezoqoqa imali 'yokuvikela' kumnikazi wesitolo ongowangaphandle kwakuleli, ngesikhathi kufika elinye iqembu nalo elenza lo mkhuba livulela ngenhlamvu kubo lathatha nezibhamu kubafi.
Kulesi sehlakalo kudubuleke nomthengi oneminyaka ewu-10 walimala.
Umthombo waleli phephandaba okule ndawo, uthe abashonile nabebedubula baqale bahilizisana ngaphambi kokuthi kuqhume isibhamu.
Omunye umthombo waleli phephandaba oyiphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe abanikazi bezitolo, abantu abadayisayo nabanezimoto ezidiliva impahla uma abantu bethengile bakhokhiswa iziqhwaga imali okuthiwa ‘eyokubavikela’. Uma benqaba ukuyikhokha bayabulawa.
"Emasontweni amabili kudutshulwe umnikazi weveni elithutha impahla okuthe uma kuthiwa akakhokhe imali ‘yokumvikela’ wenqaba. Wonke umuntu onebhizinisi elokishini kuthiwa uyakhokha, ngisho abadayisa amagwinya," kuchaza yena.
Uthe abadayisa amagwinya kuthiwa bakhokha uR100 ngenyanga, abanezitolo bakhokha o-R3000 ngenyanga kuye ngokuthi abathi bayabavikela bafike bathi abakhokhe malini.
"Inkinga esibhekene nayo ukuthi abakhokhiswayo abawabiki amacala bayesaba ngoba bayabulawa noma bahlukunyezwe baze basibone isidingo sokuthi bakhokhe imali ‘yokubavikela’,"
Isolezwe lihoshe umoya wokuthi lo mkhuba wokukhokhiswa kosomabhizinisi imali yokubavikela obubatshazwa e-Eastern Cape nasezindaweni eziningi KwaZulu-Natal ukhona ikakhulukazi emalokishini nasemahostela
Ehostela KwaMashu kuthiwa abanikazi bezitolo ezingama-tuckshop bakhokhiswa uR3000 njalo ngenyanga, kungakhathalekile ukuthi bayenzile yini inzuzo noma cha kuleyo nyanga.
Kwamanye amalokishi abanikazi bezindlu eziyimiqasho uma zike zaba yishumi bafika sekufakwe isitikha esinenombolo yokuthi ngubani umvikeli nenombolo yakhe.
“ Uma sebefikile uyaphoqeleka ukuthi ukhokhe kungenjalo uzobhekana nokuhlukunyezwa noma ukufa,” kusho umthombo.
ULt Colonel Robert Neitshunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe, amaphoyisa aseMpumalanga avule amacala amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kulandela ukudutshulwa kwabesilisa abathathu abaneminyaka engu-27, 38 no-43 eMinitown eMpumalanga ngoLwesihlanu ntambama nentombazane eneminyaka eyishumi edutshulwe yalimala kulesi sehlakalo.
"Amaphoyisa athole izidumbu ezintathu zamadoda zidindilize ngemuva kwe-tuckshop yabantu bokufika eduze komgwaqo omkhulu waseMinitown. Abashonile bebenamanxeba amaningi okudutshulwa. Ngokwemibiko kuthiwa kufike amadoda amane ngemoto avulela ngenhlamvu ebhekise kubafi bashonela khona lapho. Kusolwa nokuthi abasolwa bathathe izibhamu kubafi ngaphambi kokuba bahambe," kuchaza yena.
Uqhube wathi uphenyo olusenziwe luveze ukuthi lesi sehlakalo kungenzeka ukuthi sihlobene nombango 'wemali yokuvikela'.