KUGELEZE igazi eMaotana eNanda ngempelasonto, kudutshulwa, kubulawa abayisithupha abasolwa ngokuhlalisa lubhozi umphakathi ngobugebengu.
Ngokuthola kweSolezwe, abafi bahlaselwe emakubo, yiqulu ebelihlome ngezibhamu nangocelebha.
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa, uthe abafi basolwa ngokubulala ngokuhlanganyela isakhamuzi ngoLwesine.
Uthe kuthe uma oyedwa wabo eyobuzwa ngalokhu, wadubula ebhekise kwabebeyombuza.
“Lusuke lapho ke uthuthuva, umphakathi wadinwa, wahamba ubangenela ngabanye ngabanye, ubadubula,” kusho umthombo.
Ilungu lophiko oluqapha ubugebengu endaweni nalo elicele ukungadalulwa, lithe umphakathi ubabulele ngoba bese ukhathele ubugebengu babo.
“Bebeyizigebengu. Umphakathi uthukuthele ngoba bayacanasa emphakathini. Badubula babulale umphakathi, bawuphuca izinto zawo emini ilanga libalele. Umuntu adubule umuntu ambulale, embulalela iselula kaR200,” kusho ilungu lophiko.
Okhulumela inkampani yonogada ehambela zonke izindawo zezehlakalo, iReaction Unit South Africa (RUSA) uMnuz Prem Balram, uthe esigamekweni sokugcina esenzeke ngoMgqibelo emini, iqulu libulale owesilisa (52) eqeda kuphuma endlini yakhe.
Umthombo udalule ukuthi kulesi sehlakalo, iqulu lithe liyamdubula, wangadubuleka, lagcina selimgenca kuqala, lase limphinda isibili ngesibhamu, wabe eseyadubuleka.
UBalram uthe esigamekweni esingaphambi kwaleso, okuthiwa senzeke ngabo-10 ekuseni kuhlaselwe omunye wesilisa (42), ophoqwe ukuthi aphume endlini yesihlobo sakhe ngaphambi kokuthi adutshulwe kuphindelelwa kubuka izihlobo.
Kuthiwa bagasele kubo, bangamthola ngaphambi kokuthi bambone ematasa edla emzini wesihlobo oseduze, banikela khona, bafike bamdubula bephindelela.
“Abezimo eziphuthumayo enkampanini yethu, bebesemata naleso sigameko ngesikhathi betshelwa ukuthi kukhona omunye odutshulwe abantu abafanayo endaweni ebude buduze nalapho bebekhona,” kusho uBalram.
Uthe kokwenzeke ngoLwesihlanu, kudutshulwe owesilisa (43) obematasa elekelela ngesikhathi kwenziwa amalungiselelo omngcwabo kwamakhelwane wakhe.
“Kuthiwa yena, abasolwa baqale bamfuna isibhamu, kwathi uma ephendula ngelithi akanaso, bamdubula,” kusho uBalram.
Amaphoyisa abebengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalezi zigameko.