KUDUMA amakhanda emndenini wakwaNgubane, eMabomvini, eMsinga, ngenxa yokubhujelwa wumuzi, okhongeleke kwiqukubula lomlilo ongaziwa ukuthi ushiswe wubani, kwasha uR13 000 wemali yestokofela somama bendawo ebithukuswe kuwona.
Lilandisa Isolezwe Ngempelasonto ngokubehlele ilungu lomndeni elihlala eFree State ngokufunda, uNksz Londeka Ngubane, uthe lesi sigameko senzeke kuleli sonto.
“Kuthiwa kuqubuke umlilo wequbula kwathi ngenxa yomoya obunamandla, umlilo wathungeleka ngokushesha, wafinyelela ekhaya. Kushe izindlu ezintathu eziwolawondi okuhlala kuzona umama nezingane zakwethu eziyisikhombisa,” usho kanje.
Eqhuba, uthe kusize ukuthi bekusasekuseni, wunina obesele yedwa ekhaya, izingane zisesikoleni, wakwazi ukuphulukundlela ukuzisindisa engozini yomlilo. Nokho ngenxa yobukhulu bomlilo, zishe zaphela izindlu zakubo ezintathu nempahla ebiphakathi.
“Kushe cishe yonke impahla ebisendlini, kwasha ngisho imali engaphezudlwana kukaR13 000 yestokofela ebigcinwa wumama ekhaya, eyehlukaniswa ekupheleni konyaka namakhosikazi endawo,” kusho uNksz Ngubane.
Leli phephandaba liyibonile ividiyo ekhombisa kusha lezi zindlu ezingolawondli, zivutha umlilo ngaphandle nangaphakathi, impahla ebiphakathi ingasabonakali, isiwumlotha. Kusale indlu yomxhaso nezindonga zenye eyakhiwayo.
Uthe ukhathazekile futhi kumphatha kabi ukwanda kwezigameko ezinje zokuqubuka kwemililo yequbula endaweni, nokugcina kungaziwanga ukuthi kuqalwe wubani, ekubeni kube kuyiqeda imizi yabantu endaweni yangakubo.
“Nakuba akulalwa phandle nje, sisizwe wukuthi kusale indlu eyodwa yomxhaso ebilala izingane nosekuzophoqa ukuthi kunqwatshelwane kuyona. Siyishumi uma sekubuye mina ekhaya nobaba osebenzela eDundee,” usho kanje.
Unxuse noma wubani ongakwazi ukubasiza ukufaka isandla ukuze bakwazi ukuthola izimpahla nokudla ukuqhuba impilo.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMnuz Senzelwe Mzila, ukuzwa ukuthi usezwile yini ngalolu daba, ucele ukuthi athunyelelwe imininingwane ephelele ukuze abone ukuthi bangangenelela kanjani.