UMCULI kamaskandi, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, uqokwe emikhakheni ebalulekile kuma-19th South African Traditional Music Achievement (Satma) Awards akulo nyaka. Umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe bewubanjelwe eFreedom Park Museum, ePitoli, ngoMgqibelo.
UGatsheni, oqokwe ngenoni lakhe elithi Hit After Hit, ungene emkhakheni weSong of the Year, okuwumunxa okunguye kuphela umculi kamaskandi kuwo.
Uqhathwe noMr Vee Sholo, Thizwihangani Nemanashe Tzafenda, Galaletsang Lekoma, Klipwerf, Khethang Orkes no-Omesh Mohanpuersad.
Lesi sihlabani sasoPhongolo sibuye saqokwa nasemkhakheni weBest Maskandi Artist/Group.
Kuleli qoqo, uGatsheni uqhathwe noSminofu, uGqizile, uShumi Lezinsizwa noMdumazi.
UGatsheni ubonge kakhulu ngokuqokwa, wabe esenxusa abalandeli ukuba bamvotele.
NgoMashi uGatsheni waqumba phansi uTyla kwiBest Newcomer kuma-2024 Cultural and Creative Industry Awards futhi waphinde wakhala wemuka nekhumbi iQuantum kwi-2024 Mother of All Maskandi Festival ngo-Ephreli kulo nyaka.
UMzukulu uqhathwe neBlaq Diamond kanye no-Erence Oupa Nyath Ma kwiBest Traditional Collaboration.
ULwah Ndlunkulu utholene phezulu noSimwave, Mthandazo Gatya, Shibu Molomo noBrian Bomba kwiBest Afro Soul Artist/Group. UTshatha noBingelela Mpanza boKhozi baqhathwe nabanye abasakazi bomculo wesintu kwiBest Traditional Music SABC Radio Presenter of the Year.
Iqembu lesicathamiya laseMsinga, iHlanganani, liqokwe emkhakheni weBest Traditional A cappella lapho iqhathwe khona noKhethukuthula Alpheus Mkhwanazi noBuhle Bomthandazo.
UDicksy Mdlalose wesibikezelo sezulu ezindabeni zethelevishini uqokwe emkhakheni weBest Reggae Artist/Group, lapho edlana khona imilala noMotebang Senci Rankin kanye noScotchman Nzwane Ngozo.
Umlingisi woMkhokha uHope Mbhele, umsakazi weJozi FM, uPenny Ntuli, umsakazi wodumo kuMbuso Wamaciko TV, uNqobile "Modelkazi" Dlamini, uZamambo Mkhize, uKgotso Mahlangu, uMgijimi noNasizo Mndende Nasizo baqokwe kwiBest Traditional Social Media Influencer.
Umculi wakwaNongoma uMashelela uqokwe kwiBest Upcoming Artist/Group.
USthembiso Mthethwa, Ngilozi Myeni Mdolomba, Phumzile Mlangeni baqhathwe kwiBest Traditional Music Community Radio Presenter. KwiBest Traditional Fashion Designer kuqokwe uZanele Mbambo, Londeka Phoswa nabanye.
Emcimbini wabaqokiwe kubuye kwahlonishwa izishoshovu zomzabalazo okungoThandi Modise, uDkt Nkosazana Zuma, uBaleka Mbete nabanye. Kunandise Intaba YaseDubai, uMbali Zuke, Ntunja, Mr Vee Sholo, Mthandazi Gatya nabanye.