USOBISHINI umsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo, njengoba evulelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, ngowesilisa ozishaya isifuba ngokuthi wajola naye unyaka wonke. Lo mlisa ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uvule icala esiteshini samaphoyisa iDurban Central, eThekwini ngeSonto. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala.
"Amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kulandela isigameko okusolakala ukuthi owesilisa oneminyaka engu-29 ushaywe, wagwazwa ngumsolwa amaziyo ngo-Agasti 31 2024.
Umgilwa ulimale ebusweni wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo," kusho uNetshiunda.
Ekhuluma neSolezwe, umgilwa uthe lesi sehlakalo senzeke entathakusa ngeSonto ngesikhathi yena nalo msakazi, owayeyisinqandamathe sakhe ngo-2020 kuya ku-2021,bephuma ebumnandini eMorningside, eThekwini.
"Besesihamba kwenye indawo yobumnandi eMorningside entathakusa ngeSonto ngesikhathi sixabana naye. Into emcasulile wukuthi bengivalelisa komunye wabangani bethu, sishayana ngesinqanda sasemoyeni kanti uzocikeka," kusho umgilwa.
Uthe akazange anake ukuthi ulwandle selugcwele kumsakazi ngesikhathi bephuma kule ndawo bebheke emotweni, kwaze kwaba wukuthi sebephakathi emotweni yaqala ingxabano.
"Ubethukuthele egane unwabu, engisola ngokushendeza naloya mngani, ethi besingeke sivalelisane ngale ndlela uma kungenzeki lutho phakathi kwethu. Indaba yonakale esefonela lo mngani ethi angikhulume naye ngenkani ukuze abone ukuthi akwenzeki lutho phakathi kwethu. Nginqabile, ngavala ucingo kanti sengizithintele,"
Lo mlisa uthe lo msakazi umgqeme ngebhodlela lotshwala ebusweni, maqede wagibela kuye ngezibhakela ethukuthele. Uthe kulamule abantu abebedlula ngendlela, behamba ngemoto iPolo, abafike babuza ukuthi kwenzenjani kwayima esuka kuyena.
Lo mgilwa uthe waphuma emotweni, waqopha ivideo (Isolezwe elinayo nezithombe) ukuze abe nobufakazi. Kule-video kubonakala owesilisa ehleli phezu komsakazi, umsakazi ekhala ethi kungcono ambulale.
Lo umlisa obemcindezela uzwakala ethi qhubekani nokulwa kwenu. Umsakazi ubize lo mlisa abexabana naye ngegama emnxusa ukuthi angene emotweni ukuze amhambise esibhedlela, kodwa wenqaba lo mlisa, wathi akasahambi naye. Kwenye-ivideo lo msakazi, obezwakala njengomuntu oweqiwe amambawu, unxuse asolwa ngokumshaya ethi akayeke ukuqopha i-video. Umsakazi kubikwa ukuthi ujahe lo mlisa abehamba naye, efuna ukumphuca iselula ukuze asuse i-video, washiya imoto iduma, babuya abafana be-Polo, bashaya bachitha nemoto yomsakazi.
Ethintwa umsakazi ucingo lwakhe beluvaliwe kanti nomlayezo athunyelelwe wona akazange awuphendule.
Kwenzeka lokhu-nje uKhozi FM lunomkhankaso wokulwa neGBV nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane unyaka wonke.
UNksz Mmoni Seapolelo Okhulumela iSABC uthe usalinde umbiko ehhovisi laseKZN ngalolu daba.