Asezobanjelwa ePitoli ngoNovemba 18 amaSouth African Music Awards (Sama) obekubhekwe ukuthi abe seThekwini.
AmaSama, okuzoba ngaka-29 ekhona, azoba seSunBet Arena, eTimes Square. Azoba yingxenye yomcimbi wamapiano i-Africa Fest obuvele uzoba kule ndawo ngosuku olufanayo.
Le miklomelo yabaculi ibe sematheni emasontweni edlule ngemuva kokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ukuVakasha noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal uhoxise uxhaso lwezigidi obuzokweseka ngalo umcimbi.
Kwavela ukuthi umnyango uzoxhasa ngo-R28 million okuyinto owayiphika wathi bekuzoba ngu-R20 million.
UNgqongqoshe wawo uSiboniso Duma wagcine ememezele ukuthi bayaluhoxisa uxhaso.
NgoMsombuluko ekuseni abamaSama bamemezele ukuthi bajoyine i-Africa Fest ukusingatha umcimbi.
Kwenzeka lokhu, ngoLwesihlanu kukhishwe uhla lwabaqokwe eminxeni yeRecord of the Year noweMusic Video of the Year.
Ukuvota uthumela ikhodi eseceleni kwegama lomvotelayo kwinombolo ethi 33441. Ukuvota kubiza uR1.50 futhi kuzovalwa ngo-9 ebusuku ngosuku lomcimbi. Abavotayo bazibeka ethubeni lokuwina uR100 000.