NGESIKHATHI iqembu Umkhumbane Jazz Ensamble linandisa kwiKZN Jazz Festival eThe Station, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku, ilungu lalo ebese lithathe umhlalaphansi bese lidonsa umoya wokugcina.
Leli qembu lishiywe ngu-Adolf Kunene (90) oshone ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokugula.
Ukudlula kukaKunene kuqinisekiswe wumfowabo naye oyilungu leqembu uJerry Kunene.
“Kuyimanje ngisematasa namalungiselelo okumfihla kodwa azophothulwa kahle uma sesibonene nalo lonke uzalo. Engingakuqinisekisa wukuthi inkonzo yesikhumbuzo izoba seBat Centre ngo-5 ntambama ngoLwesihlanu,” kusho uJerry.
UKunene ugqame kakhulu ngokucula phambili engomeni ethi Sgaxa Mabhande okungenye yezintandokazi zaleli qembu laseThekwini.
Lo mculi uthathe umhlalaphansi eqenjini ngo-2019 noMoses Sefatsa. Bavaleliswa ngamakhonsathi ezindaweni ezahlukene.
U-Atlas Duma weSagiya Foundation, ebisebenza neqembu, uthe uKunene udlale indima enkulu eqenjini ecula phambili.
“Wayekade engumdlali webhola oqavile ngaleziya zikhathi zabo kuMaZulu FC. Wayengomunye wabadlalii abasezingeni waze waba mdala. Usebenze isikhathi eside wase ebizwa kuMkhumbane waba ngumculi ophambili,” kusho u-Atlas.
Uthe bayakhala ngokudlula kwakhe watusa amagalelo akhe emculweni.
“Kuthe kuculwa ngoMgqibelo ebusuku yena wabe esesishiya ngabo lobo busuku. Ubesegulile impela futhi uma eno-90 wumuntu omdala loyo. Akaphumule kodwa akukaze kube mnandi ukudlula komuntu. Ubewusizo naselokishini ezama neqembu lomculo wokholo esiza abantu abasha.”
“Siqophe naye i-albhamu Ezintabeni futhi sahamba naye kakhulu emakhonsathini ejazz amakhulu njengeDurban Jazz Festival, Ugu Jazz Festival, Umlazi Jazz Festival. Ngize ngabenzela ikhonsathi ngo-2019 esethi ufuna ukuphumula. Okumnandi ukuthi uma Umkhumbane usebenza ubuphonsa okuthile ngoba besibabala nabo emholweni.”
Khonamanjalo, kushone owayengumsakazi weMetro FM uQuincy “The Only Q” Kekana.
UQuincy wayesakaza ngezikhathi zoRomeo Khumalo, Treasure Shabalala. Eddie Zondie, Isaac Phahla, Glen Lewis, Desiree Makote, Gomotso Mabena nabanye kulo msakazo.
Umsakazi uPenny Lebyane noDJ Sabby noMzwakhe Mbuli bakwabadlulise amazwi enduduzo.