KUKHALWA nxa zonke ngokuba nzima kwesimo sempilo njengoba izindleko zithe bhe, kunyuka intengo yemikhiqizo.
Yisimo lesi esibangela ukhwantalala njengoba phezu kwaso kukhona nezinkinga zempilo ezingagcina zikubangela izifo uma ungathathi izinyathelo zokuzicindezela.
Ukuzijabulisa ngezinye zezinto ongoti bezengqondo abavame ukuzigcizelela ukugwema ukuba nokhwantalala kanti ukuthatha iholidi uvakashele indawo yokungcebeleka bathi kuyasiza.
Pho uvakasha kanjani kulesi sikhathi njengoba isimo sinzima, sekuncipha ukudepha kwephakethe?
Ngikuhlanganisele amathiphu angakusiza ukuthi ukwazi ukuhlela uhambo lokungcebeleka noma iholidi ngaphandle kokuncinza ephaketheni.
* Hlela kusanesikhathi, uzibekele noma izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthatha iholidi. Lokhu kuzokunika isikhathi esenele sokuqhathanisa izindawo ongakhetha kuzona welekelelwa wukubiza kwazo.
* Zinqumele imali ozoyabela iholidi, ungagudluki kuyo ngesikhathi uhlela. Awufuni isimo lapho imali iphelela eholidini, ubuye kulo ususokola.
* Bheka ukuthi indawo ikude kangakanani nalapho usuka khona. Uma kuzohanjwa ngemoto, yazi ukuthi udinga uphethroli ongakanani yikhona uzoyaba kusenesikhathi imali kaphethroli.
* Indawo yokulala oyikhethayo bheka ukuthi izindawo zokungcebeleka nezinye izinto ezenziwa yizivakashi zikhona yini nokuthi ziqhele kangakanani. Awufuni ukuphinde ungene ezindlekweni zikaphethroli obungazihlelelanga ngenxa yamabanga ahanjwa ngesikhathi kungcebelekwa. Nazo izinto zokungcebeleka zikhethe ngokuvunyelwa yiphakethe lakho, ukhethe okumbalwa okuzokujabulisa.
* Uma ususithathile isinqumo sendawo ozoyivakashela, ungasebenzisi i-internet ukubekisa isikhala. Shaya ucingo ukhulume ngqo nabakuleyo ndawo, ubuze ngezipesheli nokuthi yisiphi isaphulelo abangakunika sona. Lokhu kuyasiza kakhulu.
* Mema abantu obathembayo enizohlela nihambe nabo yikhona nizokwazi ukuhlanganyela izindleko zohambo. Uqikelele ukuthi awukhethi abantu abazokuphoxa ngomzuzu wokugcina, izindleko zisale zibheke wena.
* Kuyashibha ukuthola indawo oziphekelayo kuyo kunokuthi nikhokhele ukudla.
* Ukuya eholidini akusasho kuphela ukuya ehhotela. Uma nihamba nibaningi, ningafuna umuzi osendaweni ekahle eningavakasha kuwo ngamanani aphansi. Khumbula inhloso ngukushaywa wumoya upholise ikhanda, hhayi ubukhazikhazi.