Abegiya ededelana enkundleni amagoso aseKing Cetshwayo ngesikhathi ebhikla ingoma yePhasika eba minyaka yonke eNkandla Municipal Sportfield.
Lo mcimbi obungoMgqibelo wenziwe uMasipala waseKing Cetshwayo, oholwa uMnuz Thami Ntuli. Bekukhona isigekle, indlamu, ushameni namafolo.
Izibukeli zibheme zakholwa kanti zinxuse umasipala ukuba uqhubekele phambili nokuwuthuthukisa.
UNtuli uthe le ngoma ihlanganisa abantu njengoba kwaziwa ukuthi abantu abasebenza kude basuke bebuyile behleli nemindeni yabo ngePhasika.
Uthe ingoma yiyona ekwazi ukubahlanganisa kuthuthuke nezokuvakasha kukhuphuke nomnotho wedolobha.
“Ukuze bahlale benokuthula kube nokuzwana nokuthandana, sakha uhlelo lokuthi sibahlanganise ngengoma,” kuchaza uNtuli.
Uthe ngesikhathi esayi meya kamasipala waseNkandla ubevamile ukwenza imigubho yengoma.
Uqhube wathi lolu hlobo lwemicimbi yilona oluqhakambisa nolwenza ukuthi isizwe samaZulu sihluke kunezinye ngoba kuba khona ukuhlangana ngemicimbi eyahlukene.
“Manje sivuselela lokho njengeKing Cetshwayo ngoba siyazi ukuthi le ndlamu izokhula igcine isilekelela nakwezokuvakasha, ihehe abantu abaqhamuka ngaphandle igcine futhi isilekelela nakumnotho ukuthi laba abadayisayo bakwazi ukungenelwa imali,” kuchaza uNtuli.
UVusi Manyoni wamaPhikankani aseMthonjaneni, uthe kuyintokozo enkulu ukubona ingoma idlondlobala ngoba lokhu kwenyusa ikhono labo njengamagoso engoma.
“Sibonga kakhulu kuMkhandlu waseKing Cetshwayo ukuthi uphinde usibuyisele ingoma eseqophelweni eliphezulu.
“Izinhlelo ezinjengalezi zenza ukuthi kubekhona ukuzwana nokuthokozelana emiphakathini ngoba abantu basuke behlanganiswe yinto abayithandayo nebahlaba umxhwele,” kuchaza uManyoni.
Uthe iqembu lakhe linamalungu angu-100 futhi ayakujabulela ukuba yingxenye yengoma ngoba kubavikela ezintweni ezinobungozi ezenziwa emiphakathini.
Uqhube wathi isifiso sakhe wukubona ingoma yesifunda idlondlobala ize ikwazi nokuncintisana namanye amagoso esifundazwe.