ABACULI abasafufusa, ikakhulukazi abowokholo, bazohlonyiswa ngolwazi ngezihloko ezahlukene emcimbini iKZN Creative Arts & Music Masterclass ezoba se-Olive Convention Centre, eThekwni, ngoLwesine.
Kulo mcimbi uhlelo lwawo oluzobe lushayelwa wumsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese, kuzobe kukhulunywa ngezihloko okubalwa kuzo ezokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, ezomthetho, ezithinta ukuphatha imali, ibhizinisi, ukunakekela umqondo nezinye.
Izikhulumi kubalwa kuzo uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, umculi wowokholo u-Ayanda Ntanzi ozokhuluma ngezomthetho, Xoli Mncwango ozothinta ezamabhinisi nobuciko noSkhulile Ngobese ozobe egxile kwezithinta ukunakekela umqondo nobuciko.
Kuzoqalwa ngo-10 ekuseni kusongwe ngo-4 ntambama bese kulandela ikhonsathi yamahhala yona ezophela ngo-10 ebusuku.
Kuyona kuzobe kunandisa abaculi abasafufusa noSindi Ntombela, Phindi P, Dumi Mkokstad, Xolly Mncwango, Jumbo no-Ayanda Ntanzi.
Okhulumela iMagic Media Group ehlela umcimbi, uSihle Bam, uthe umcimbi uzoba minyaka yonke futhi uzohambela izindawo ezahlukene.
"Sizohambela zonke izifunda KwaZulu-Natal ngoba sifuna kusizakale amaciko kuzo zonke izindawo. Yize sigxile kakhulu kubaculi bowokholo kodwa simema bonke ngisho abenza izinkondlo, abadwebi nabashaya ingoma," kusho uSihle.
Uthe abafuna ukuthamela umcimbi kumele balande amathikithi abo amahhala e-Olive Convention Centre ngoLwesithathu nangoLwesine ekuseni.