UBONGE uZanele Mbokazi ngokumpheka ekubeni umhleli wemicimbi uZama Mkhize, ongumsunguli womcimbi ozokwenzeka kanye ngenyanga eThekwini, i-Social Links.
Lo mcimbi ozohambela izindawo ezehlukene, injongo yawo ukugqugquzela amaciko ukuthi athuthukise imisebenzi yawo emisha nemidala.
Umcimbi i-Social Link Saturdays, uzobe ubophele amaciko asafufusa nasedumile ukuze akhule kunoma yini ayenzayo, okukhona kukho umculo, amahlaya nokuphatha izinhlelo.
Umcimbi wokuqala uzobanjelwa e-Nto’s Boutique Hotel, ngoSepthemba 14.
UZama uthe ukusebenza noZanele enkampanini yakhe i-Morror PR, kumenze waphekeka wafunda okuningi kungakho manje esezimele naye efuna ukusiza amaciko.
“Injongo yami ukuthi kusizakale amaciko, kuphinde kujabule abantu abafuna ukuzibonela abaculi abahlukene ababathandayo. Umcimbi wabantu abathanda ubumnandi esifuna ngawo bazi ukuthi sobalethela abaculi ababathandayo ukuze bezokhipha konke okubaphethe kabi ozokwenzeka kanye ngenyanga.
“Umcimbi esihlose ngawo ukuthi ngisho abaculi abadumile nabasafufusa bakwazi ukuqhubeka basebenze ngawo bese begqamisa nemisebenzi yabo. Lapha sibala imisebenzi okungenzeka misha noma ayikutholanga ukunakwa ngendlela abafuna ngayo,” kubeka uZama.
Uthe kulo mcimbi bamema wonke umuntu njengoba uzobe udle ngobumnandi kuphela.
Abaculi athe bazoba khona emcimbini wokuqala kubalwa iQwabe Twins, Malini, Zandie Gumede, Dj Ngane, Mbali Ngidi, Mondli Mzizi, DJ Happygal noTha Simelane.
UZama uveze ukuthi imininingwane yokutholakala kwamathikithi neminye ngomcimbi olandelayo abantu bazoyithola emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana.