AMACIKO afuna uNgqongqoshe omusha wezemiDlalo, ezobuCiko, namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, ukuthi alekelele ekuwabumbeni.
UKodwa umenyezelwe nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngoMsombuluko ebusuku, njengongqongqoshe omusha womnyango. Uthatha izintambo kuNathi Mthethwa ongabuyelanga kwiKhabhinethi.
Ingwazi ye-jazz uSipho "Hotstix" Mabuse, itshele iphephandaba ukuthi bayakwamukela ukuqashwa kukaKodwa futhi bazomnikeza ithuba.
"Sizobona ukuthi wenza njani. UNyambose ngicabanga ukuthisasibuye siqinise isandla kuye. Wonke ungqongqoshe akanikezwe ithuba lokuthi aziveze. Izingqinamba ziningi kakhulu hhayi kuphela eMnyangweni wethu wezobuCiko namaSiko kodwa izwe lonke,"kusho uMabuse."
Thina kumele sihlangane silwe ngendlela ehlelekile.Inkinga enkulu wukuthi sibakhulu uma kuza ekukhalazeni ngabanye. Kumele sibumbane ukuveza izikhalo zethu nokuyinto ungqongqoshe angasiza ekutheni yenzeke. Amaciko azimele, awezi emihlanganweni aqhamuka esekhala.
"UMengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko kuzwelonke iCultural & Creative Industries Federation of SouthAfrica (Ccifsa), uJoy Mbewana, uthe bayakwamukela ukuqokwa kukaKodwa.
"Siyabonga nakuMthethwa ngoba wabamba elikhulu iqhaza ekutheni kube khona iCcifsa. Sizimisele nokusebenza nongqongqoshe omusha ekuhlanganiseni imboni. Siyafisa alekelele ekuqoqeni imboni ikhulume ngazwi linye,“ kubeka uJoy.
Uqhube wathi bayafisa ukuthi abakhulumele kuhulumeniukuthi kunyuswe imali yoMnyango wakhe ukuze bahlomule.
"Sifuna batshale imali ekuthuthukiseni amaciko ikakhulu asemakhaya. Sengathi angabhekelela kakhulu nabesifazane endimeni yezobuciko. Okunye wukuthi uMnyango ubuye ukhokhe sekuhambe isikhathi umsebenzi wenziwe," kusho uJoy.
"Sinamathalente amaningi nezinhlangano esikudingayo yimali. Imibono sinayo. Sifuna nezikhungo zokuqeqesha amaciko kuthathwe amadala kube yibo abafundisa abasha. Izinkakha ziyafuna ukusebenza kodwa ayikho indawo. Okunye wukuthi asikhulumele ngendaba yentela engu-25% esikhokhiswa yona uma senze umsebenzi ekubeni uhulumeni engasithathi njengabasebenzi."
Uthe uMthethwa uqale nezinhlelo eziningi ezidinga ukunakwa njengezibhekelele impilo yamaciko iSilapha Wellness Program.