AMACIKO aseNingizimu Afrika, akhulume ngazwi linye elwa nomthetho ovumela ukuthi kusetshenziswe umsebenzi wawo ngaphandle kokuxhumana nawo.
Kuyinto engajwayelekile ukubona amalungu enyunyana iSAUCCIF naweCCIFSA, izolo abemasha ndawonye ehambisa izikhalo esiShayamthetho, eGauteng. Kuhlala kubukeka sengathi awaboni ngaso linye.
Phakathi kwamaciko abemasha bekukhona, uMzwakhe Mbuli, Sibongile Mngoma, Arthur Mofokate, Buselaphi Gxowa, Owen Ndlovu osebenzisana namaciko nabanye.
USibongile Mngoma weSAUCCIF, uthe inkinga yomthetho ogunyaza abantu ukuthi basebenzise umculo wabo ngaphandle kokuxhumana nabo, ubenza bahlale belambile bengamaciko.
“Uma uzoya ezinkundleni uya kuTik Tok, Sportify nakwezinye izinkundla uzobona ukuthi abantu bayazenzela emsebenzini wethu kodwa thina asihlomuli lutho. Kukhona abenza amavidiyo abo azobafakela imali besebenzisa umculo wethu ngaphandle kokuxhumana nathi.
“Sibonile ukuthi into esilimazayo yilo mthetho ogunyaza abantu ukuthi basebenzise umculo wethu ngaphandle kokuxhumana nathi. Namhlanje besihambisa izikhalo zethu sinxusa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, anxuse inkantolo yoMthethosisekelo ukuthi ibuyekeze lomthetho,” kuchaza uSibongile.
Uthe uhlu lwezikhalo zabo lwamukelwe yimenenja yaseLuthuli House, uFébé Potgieter-Gqubule. Uthe uthembise ukuthi usazoba nomhlangano ngezikhalo zabo bese ebuyela kubona.
Umthetho i-Fair use, uvumela ukuthi umuntu ofuna ukwenza ucwaningo ngesihloko esithile asebenzise umsebenzi wamaciko ngendlela athanda ngayo ngaphandle kokuxhumana nomnikazi walowo msebenzi noma ukumkhokhela ngawo.