ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngomnikazi wendawo yobumnandi uJabulani Thamsanqa Mjay Zama.
UMjay ongumnikazi wendawo yokudlela nobumnandi Eyadini eseMlaza udlule emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuxinwa wukugula.
NgoMeyi wangonyaka odlule, kwasabalala izithombe zalo somabhizinisi esesibhedlela, nokuyinto eyathusa abaningi besabela impilo yakhe.
Isolezwe laxhumana naye lo somabhizinsi owazwakalisa ukuthi uyalulama futhi uphumule esibhedlela.
“Akekho umuntu ongazi ukuthi ngihlushwa yisifo sezinyawo, yingakho bengingeniswe esibhedlela ngenxa yaso leso simo sokuhlaselwa yi-gout. Ngiqale ngalala eKingsway, odokotela base bengiyisa eSt Augustine’s,” kusho uMjay ngaleso sikhathi.
Kwabonakala osaziwayo bephuma bengena Eyadini beyobona intandokazi yabo, abanye baze bahlela umcimbi wokumbonga esaphila ngamagalelo akhe okufaka ilokishi laseMlaza ebalazweni.
NgoMgqibelo emini, Isolezwe Ngempelasonto libike ezinkundleni zokuxhumana ngokuma komsebenzi Eyadini kuvela imibiko yokuthi uMjay uhlaselwe yisifo sohlangothi futhi isimo sakhe asisihle neze, akuphelanga amahora amangaki kwangena umbiko wokuthi kugcine kumenele ukugula ebekumxinile.
Namuhla umndeni ukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi ngempela akasekho emhlabeni.
Osaziwayo nabaholi bepolitiki banikele ezinkundleni zokuxhumana bedlulisa amazwi enduduzo.
Eyadini Lounge owner Jabulani Mjey Zama has sadly passed away , May his soul rest in peace 🕊️🕊️🕊️ pic.twitter.com/vGO10ZUP9C
— The Instigator (@Am_Blujay) August 13, 2023