UBE nengcindezi ecabanga ukuthi abantu bazothini ngokulingisa indawo kamalugaju uNapoleon Dingiswayo, owaduma ngelikaThe Butcher, emdlalweni okhonjiswa kwiShowmax iRed Ink.
UBonko Khoza wodumo lukaMqhele kwiThe Wife, uthe kuningi akufundile ngokuba wumalugaju kulo mdlalo.
Lo mdlalo ususelwe encwadini ka-Angela Makholwa-Moabelo ethi The Reed Dance Stalker, nekhuluma ngomalugaju owayebulala abesifazane ngokubanquma amakhanda.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo uveze ukuthi ngesikhathi abeBomb Production bemthinta ngawo, wayesesigabeni sokuthakasela indlela abantu bakuleli abamazi ngayo ngemidlalo eseke wabonakala kuyo.
“Benginovalo lokuthi abantu bazozibuza ukuthi ngivume kanjani ukulingisa indawo efana nalena. Bengihlala ngithi abanye abantu ngisho laba akade sisebenza nabo siqopha lo mdlalo bayazibuza nje ukuthi nami kungenzeka ukuthi ngiyahlanya ekhanda. Kodwa sengizitshelile ukuthi ngiyawuthatha lo msebenzi ngisho umkami anganitshela. Ngenza izinguquko eziningi ezithinta indlela engibukeka ngayo emzimbeni. Kuthe sengikulungele ukuqala umsebenzi, ngabona ukuthi kumele ngehle kancane emzimbeni ngenxa yokuthi uNapoleon usehlale ejele iminyaka engu13, emzimbeni wehlile ngakho nami ngehlisa kancane ekudleni. Okunye ngabheka indlela okuthiwa wenza ngayo uma uhleli naye ngempela ngaqala ukuzijwayeza indlela ashintsha ngayo ebusweni uma kukhulunywa naye nokuhlala edlalisa intamo,” kuchaza yena.
Uthe kulo mdlalo ukujabulele ukuphinde ahlangane nozakwabo abathatha njengabafowabo u-Abdul Khoza noKwenzo Ngcobo.
Uveze ukuthi abantu abathanda imidlalo egcwele ubugebengu kanjalo nezigigaba ezithusayo bazowujabulela lo mdlalo.
Uthe uthemba ukuthi ngawo uzogqamisa ukuthi isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane sikhulu kangakanani kuleli.