U-Lemogang Tsipa, odlala indawo yeNkosi uShaka emdlalweni iShaka-Ilembe uthe akanayo nencane inkinga yokukhuluma isiZulu, yize kukhona abakhala ngokuthi uyithole kanjani eyokudlala indawo yeNkosi yamaZulu ekubeni ngisho igama lakhe likhombisa ukuthi ungumTswana.
Emasontweni adlule ezinkundleni zokuxhumana abantu bebekhala ngokuthi bekumele le ndawo idlalwe umuntu ongumZulu phaqa.
Le nsizwa ethi yazalelwa eMpangeni KwaZulu-Natal ikhuluma neSolezwe ngoLwesibili ebusuku, eMontecasino, eGoli, lapho bekwethulwa khona lo mdlalo, ithe abantu bangalinge badidwe igama layo nesibongo, kodwa abaqale babuke umdlalo kuqala bese beyayigxeka. Yize unina engumTswana uyise engumPedi, yena ukhulele KwaZulu-Natal ekhuluma isiZulu.
“Ngeke ngisasho okuningi ngemvelaphi yami, njengoba abantu kucaca ukuthi abangazi ukuthi ngingowakuphi kahle. Kodwa engizokusho ukuthi ababukele umdlalo kuqala bese beyangahlulela ngendlela engizobe ngiphimisela ngayo ulimi lwesiZulu. Mina isiZulu ngiyasazi angisishebi ngikhulele eKZN, ngakho angikuboni okuzonginika inkinga,” kusho uLemogang.
Uthe akazi ukuthi angayichaza kanjani indlela azizwa ngayo ngokuthola indawo ebaluleke ngale ndlela yokuxoxa umlando weSilo uShaka.
“Ngijabule kakhulu, lona umlando ongeke uze ucisheke kalula. Umlando lo oyobukwa izingane zathu, nabazukulu bethu ngakho kuyajabulisa kakhulu. Nokuba nabalingisi abangaka abanamagalelo ahlukene kuleli kusho lukhulu ngempela kimi,” kuchaza yena. Ngaphandle kokuthi ufunde wagogoda kwezokulingisa, unamava njengoba esebeke elakuleli ebalazweni ngamafilimu ahlukene nemidlalo ekhonjiswa kwithelevishini.
Isolezwe libe nezingxoxo nabalingisi abahlukene balo mdlalo okukhona kubo uSthandiwe Kgoroge, Baby Cele, Thandeka Dawn King, Wiseman Mncube, Senzo Radebe, Thembinkosi Mthembu nabanye, abaveze injabulo yabo ngokuqokwa babe yingxenye yawo.
Bonke bathe kubona leli ithuba liyigqayizivele ngoba bafisa ukuba yingxenye yalo mdlalo ngesikhathi bezwa ukuthi uzoqalwa phansi.
UNomsa Philiso ongumphathi wakwaM-Net, nobhekele izinhlelo zakuleli ubonge umphathi wakhe omkhulu uYolisa Phahle, ngokuqhamuka neqhinga lokuthi lo mdlalo uqale kabusha.
Uveze ukuthi umsebenzi abawenzile iminyaka eyisithupha behlanganisa lo mdlalo bayathemba ukuthi uzothela izithelo eziyizo.
Uthe bafuna ukuhamba emazwini abawatshelwa iSilo uZwelithini, owathi bangawenzi amaphutha kuwo.
U-Angus Gibson weBomb Production eyenze lo mdlalo, uthe ukuba manqika kwakhe ngesikhathi enxuswa ukuthi enze lo mdlalo, ubonile ukuthi kwakungeke kumsebenzele.
Ubonge izazi mlando ezifana nenyosi uBuzetsheni Mdletshe athe zenze omuhle umsebenzi ngokubatshela umlando.