BEBENGAWUVALI umlomo abantu baseNgilanyoni, eMid Illovo, kuphithizela osaziwayo nabaculi, kule ndawo ngesikhathi inyanga yodumo igubha usuku lwayo lokuzalwa nomphakathi wangakubo, okokuqala ngqa ngoMgqibelo.
UZamokwakhe “King Bhaka” Nzama ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-42, ngeKing Bhaka Music Festival.
Bekuqala ukuthi kube nomcimbi ohlanganisa izintandokazi zabaculi nosaziwayo kule ndawo esemakhaya.
Abantu bakule ndawo bebelokhu bebabaze njalo bebona osaziwayo besho nokuthi iyaqala ukwenzeka into enje ngakubo.
Phakathi kosaziwayo singabala abasakazi boKhozi FM, okunguTshatha Ngobe, Bingelela Mpanza noMandla Magwaza abebephethe uhlelo noMdonso Ngcobo obengenisa abaculi esteji noNay Maps woMkhokha noTha Simelane nabo abebephethe uhlelo. Bafike bashaya into ecokeme kwachazeka abantu. Ngenxa yegidigidi lokutheleka kosaziwayo, kukhona abantu bendawo abese begcwele nasesangweni becela ukungeniswa mahhala. Kubenzima ukuthi bavunyelwe ngenxa yokuthi iningi labantu ebelingaphakathi belingene ngamathikithi kanti bekukhona namatende ezicukuthwane obekungamele agcine esephazanyiswa ngenxa yokugcwala.
Kubaculi abashiye abantu befuna impinda singabala uDladla Mshunqisi, odansise abantu bajuluka bamanzi, uZandie Khumalo, uSgwebosentambo, uLagxabha ohlanyise abantu ngengoma yakhe iPerfomance, Ithole Lendidane eselihola Amageza Amahle, Amavukela Mbuso aholwa wuPotso, AmaYellow Bone, Intombi Yentandane, uMbongolo, Ichwane Lebhaca, uMbuzeni, Ithwasa Lekhansela, iMalini, Qhosha nabanye.
Ngenxa yokuthi lo mcimbi ubungaxhasiwe, uKing Bhaka, umemezele ukuthi akungabikhona umculi ongena esteji engakhokheliwe yonke imali yakhe. Uthe akafuni ukuthi kugcole igama lakhe njengoba uwuhlele azi ukuthi kumele bakhokhelwe uyena kuphela njengoba ebengenabaxhasi.
Abaculi abebaqashile bangafika, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngabo okwamanje kodwa usazoxoxa nabo ukuzwa ukuthi kwenzekeni.
Umcimbi udonse kwaze kwasa.