ABADANSI baKwaZulu-Natal abanqobe umqhudelwano womdanso wonyawo lwempungushe iSouth African Championships uSimphiwe Cele noKekeletso Makhetha, bayomela iNingizimu Afrika emcimbini oseLeipzig, eGermany ngo-Okthoba 12 kulo nyaka.
USimphiwe noKekeletso bathole le ngqayizivele yethuba ngokuhlabana emncintiswaneni kazwelonke, i-2023 South African Championships.
USimphiwe waKwaMakhutha uthe uzizwa ebusisekile ngale ngqayizivele yethuba lokuyomela elakuleli okokuqala ngqa eGermany.
"Sengikulangazelele kabi njengomuntu omnyama wakuleli ukuwelela phesheya, ngiyohlangana nabanye abantu," kusho uCele.
Uthe baqale ukudansa ndawonye noKekeletso kusukela ngoMashi 15, 2019 kanti sebewole izicoco emazingeni ahlukahlukene kusukela kwaphansi kuya kwakazwelonke.
"Ngonyaka olandelayo kwamele siyomela iNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle kodwa sangakwazi ngenxa yokubheduka kweCovid-19.
“Siphinde sabuya ngamandla ngo-2023. Siqale ukubamba iqhaza emncintiswaneni esemazingeni aphansi, saze safinyelela kwelikazwelonke.
“Ngenhlanhla sidle imihlanganiso kuyo yonke kubalwa neSouth African Championships ebiseDurban University of Technology," esho
USimphiwe uthe yilapho bethole khona ithuba lokuyodlana imilala nabadansi bamazwe ngamazwe eGermany.
Uthe bazobe beqala ngqa ukuyodansa phesheya kwezilwandle nokumela iNingizimu Afrika.
"Kuzobe kuyisipiliyoni esihle ukuzwana amandla nabadansi engibukela kubo eGermany.
“Iphupho lethu ukuzibona singothisha nabaqeqeshi abangungqaphambili futhi sine-studio lapho sizobe sivumbulula futhi sicija abadansi abasafufusa ukuze sisuse intsha ezidakamizweni," kusho uNdosi.
USimphiwe ujabule wabuya nganeno ngalolu hambo ngenxa yokuthi baswele amandla okuhlangabezana nezindleko zalo.
"Sidinga uxhaso neminikelo kunoma wubani ongasiseka, singabuyisela kuye ngokuzonandisa emcimbini wakhe uma esimema.
“ Singagqoka ama-tracksuit ane-logo yalabo abangasiza futhi sikhangise ngezinkampani zabo emakhasini ethu asezinkundleni zokuxhumana," kuncenga lo mdansi.
UKekeletso (23), oqale ukudansa ese-Orange Farm ngo-2010 uthi ukujabulele ukuthola ithuba lesibili lokumela iNingizimu Afrika.
"Ngiyaziqhenya ngami nozakwethu ngokuhamba leli banga esesikulo.
“Ngiyethemba sizolithola ithuba lokuyoqhakambisa ikhono lethu phesheya, okuyobe kuwukufezeka kwephupho lethu," kuphetha uKekeletso.
Laba badansi badinga isamba sika-R216 950 ukuhlangabezana nazo zonke izindleko, okubalwa kuzo amathikithi ebhanoyi abiza uR162 000, indawo yokuhlala ebiza uR14000, imifaniswano ebiza uR18 950 nokunye okuningi.
*Abadinga ukuphonsa itshe esivivaneni bengathinta imenenja uDumisani Zondo ku-060 460 6412.