KUZOSIPHUKA izidindi namuhla ngo-1 ntambama, emdlalweni womlenze wesibili wamaPlay-Off eSafa KwaZulu-Natal Sasol League, phakathi kweLindelani Ladies neSunflower WFC, eJohn Dorry Grounds, eNewlands East, eThekwini.
Emlenzeni wokuqala odlalelwe eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngeledlule iLindelani inqobe ngo 1-0 idlalela ekuhambeni. Lokhu kusho ukuthi umdlalo wanamuhla ngokawafawafa ngoba iSunflower idinga ukuwunqoba kumnyama kubomvu. Kanti iLindelani idinga okungenani ukudlala ngokulingana ukwenza isiqiniseko sokuthi ingompetha beKZN Sasol League.
NgoMsombuluko kuqhathwe amaqembu azodlana imilala ngo-Okthoba 17 kuya ku-22, kumaPlay-Off kazwelonke kwiSasol League, azodlalelwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.
Izifundazwe eziyisikhombisa sezibahlungile ompetha bazo njengoba sekusele iKZN neNorth-West abazohlunga ngempelasonto.
Iqembu elizonqoba phakathi kweLindelani neSunflower ngo-Okthoba 17 lizotholana phezulu neRoyal Wizzards yaseNorthern Cape, emdlalweni wokuvula wamaPlay-Off.
Le midlalo eyokuhlunga amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seHollywoodbets Super League, okuyisigaba esikhulu sebhola labesifazane eNingizimu Afrika.
Umqeqeshi weSunflower, uSiyabonga Malinga, uthi bazolwela ukushaya amagoli emdlalweni ukuze bakwazi ukuphendula amatafula.
“Kulo mdlalo siyele ukuyoshaya amagoli, sizohlasela kuphela bese sigwema nokungenelwa yigoli ngoba into esiyidinga kakhulu ukunqoba. Yize abanye abadlali bami bethole ukulimala emqhudelwaneni abebewudlala eGoli, we-Engen Knockout Challenge, kodwa nginethemba lokuthi labo abakhona bazokwazi ukuyibamba ishisa. Lona ngumdlalo kawafawafa, esidinga ukuwunqoba kumnyama kubomvu,” kusho uMalinga.
Nakuba engatholakalanga umqeqeshi weLindelani, uNathi Vilakazi ngaphambi kwomdlalo wanamuhla kodwa engxoxweni nephephandaba ngeledlule, wakubeka kwacaca ukuthi yize emhlonipha umqeqeshi weSunflower, ngobuchule bakhe kodwa uyihlelele le midlalo.
Uma iLindelani inqoba namuhla, izomela iKZN amasizini amabili elandelana ngoba nangesizini edlule kuyiyona ebimele isifundazwe kumaPlay-Off kazwelonke abedlalelwa eThekwini.