UFUNA abadlali abazothola amathuba emidlalweni emibili yobungani neJamaica, balibambe ngazo zombili izandla umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis.
IBanyana Banyana inemidlalo emibili neReggae Queenz ezobanjelwa eMontego Bay Sports Complex, eJamaica.
Owokuqala uzoqala ngo-3am ngoMgqibelo, owesibili uqale ngo-2.30am ngoLwesibili.
Iqembu lakuleli lilibangise eJamaica, ngoMsombuluko, u-Ellis esephoqeleke ukuthi ashintshe isikwayi ayesimemezele.
UHildah Magaia noKarabo Dhlamini bahoxile ngenxa yokulimala, kwangena uThubelihle Shamase no-Antonia Maponya. ULonathemba Mhlongo uvale isikhala sikaSibulele Holweni, ovinjwe wukugula.
Ukungabibikho kukaMagaia kusho ukuthi iqembu lakuleli lizobe libheke kwabanye abadlali ukuthi kube yibona abalishayela amagoli kwazise azibizwanga nezinye izethenjwa ezijwayele ukubhakuzisa inethi, uJermaine Seoposenwe noThembi Kgatlana.
Laba badlali bashiywe ngaphandle ngenxa yokuthi badlale imilenze emibili kowamanqamu eLiga BBVA Femenil Apertura, onqotshwe ezikaSeoposenwe, iMonterrey, sekukhahlelwa amaphenathi ngoLwesibili.
"Besifuna ukubanika isikhathi sokugxila kowamanqamu futhi bangahambi ngemuva kokudlala imidlalo eminingi ngesikhathi esifushane. Leli elinye ithuba lokuqinisekisa ukuthi siyabavivinya abanye abadlali ukuze kuthi uma kuqala unyaka sibe neqembu elikhulu labadlali asebethole ithuba lokudlala namaqembu aphezulu,” kusho u-Ellis.
Abanye abagadli okuzobe kubhekwe ukuthi balinamathisele enethini ibhola eJamaica; uNicole Michael, Nthabiseng Majiya noGugu Dlamini.
U-Ellis uqhube wathi kusemqoka ukuthi bonke abadlali abayingxenye yalolu hambo basebenzise le midlalo ezayo ukukhombisa abaqeqeshi ukuthi yini abangayenza.
Uthe noma sebebuyela emaqenjini abo kumele baqhubeke nokuzimisela ukuze bakulungele ukubhekana nabadlali abasezingeni eliphezulu.
"Ngesikhathi sidlala neDenmark kanye neSweden phesheya, omunye wabadlali owayesebhentshini wakhala ngokushesha komdlalo esawubuka, ungacabanga-ke ukuthi kushesha kanjani uma esesenkundleni,” kusho u-Ellis.
"Ngeshwa ikhalenda leFifa yilona elilawula ukuthi sidlala nini. Noma sesibathola abadlali asibi naso isikhathi esanele sokubajimisa. Amanye amaqembu abadlala kuwona awanazo izinsiza ezidingekayo futhi awazilolongi njalo.
“Yingakho umdlali nomdlali kufanele aqinisekise ukuthi uyazithuthukisa. Uma ufisa ukudlala eqenjini lesizwe kumele wenze umsebenzi othe xaxa. Uma ungumgadli qinisa ngasekukhahleleleni ipali, uma udinga amandla kufanele uqinise ngalapho kanti uma udinga ijubane kufanele wenze okufanele.”