KUFANELE baqine emaphaketheni abafuna ukuhambela idili lokugubha unyaka kwasungulwa iMK.
Amathikithi okungena kulo mcimbi ozokuba e-Olive Convention Centre, amba eqolo.
Ngokohlu lwamathikithi olukhishwe yiMK, labo abafuna ukuhlala etafuleni eliphambili kufanele bahlanganisele u-R2 million.
Ngo-R2 million nithola amathikithi angu-30 okuhlala etafuleni elibizwa ngeplatinum spear table.
Abafuna ukuhlala etafuleni lesibili kuzofanele bahlanganisele u-R1.5 million.
Ngo-R1.5 million bazothola amathikithi angu-25 okuhlala etafuleni elibizwa ngegolden spear table.
Abazohlala etafuleni lesithathu bona kufanele bahlanganisele u-R1 million.
Kule mali bazothola amathikithi angu-20 okuhlala etafuleni elibizwa ngesilver spear table.
Amanye amatafula akhona iprecision spear table, kuyona uthola amathikithi aliyilishumi ngo-R500 000, bese kuba isolid spear, kuyona uthola amathikithi amahlanu ngo-R200 000.
O'mahambayedwa' bazongeniswa ngo-R25 000.
Idili lokugubha unyaka kwasungulwa iMK lizokuba ngoDisemba 16.
UDisemba 16 usuku lapho umholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, amemezela ukuthi uzokhankasela le nhlangano okhethweni lwangoMeyi.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe inhloso yokusingatha idili akukhona nje ukugubha ukuphela konyaka kwasungulwa iMK, wathi kodwa bafuna nokuthola imali ezobalekelela ukuba baqhube izinhlelo zeqembu.
Ngaphandle kwedili iMK izokuba neminye imicimbi yokubungaza ukuphela konyaka yasungulwa.
Umcimbi omkhulu uzokuba ngoDisemba 15, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, lapho uZuma ezokwethula khona inkulumo yosuku.
Nakulo mcimbi, abafuna ukuhlala ezindaweni ezikhethekile kuzofanele bashaye amaphakethe.
UNdhlela uthe ukuhlala ezindaweni ezikhethekile kuzokuba u-R5 000, wathi labo abazothenga amathikithi okuya edilini, bazowathola amahala amathikithi okuhlala ezindaweni ezikhethekile enkundleni.
“Lona akusiwo umcimbi ojwayelekile. Lona umzuzu wokuba sibuke lapho siqhamuka khona, siphinde sibophe itulo lokuthuthukisa izimpilo zethu. Sinxusa bonke abantu ukuba babe yingxenye yokukhula kweMK.”
IMK ifike kwazwakala kwezepolitiki.
Leli qembu lalala isithathu okhethweni lwangoMeyi kuzwelonke, lahamba phambili ngamavoti esifundazweni iKwaZulu-Natal.