UNEMINJUNJU uLehlohonolo Majoro njengoba kuqhubeka nokushaywa ngesithende kwiBafana Bafana komgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, iningi elikholwa wukuthi ufanelwe wukuthola indawo eqenjini lesizwe.
UMabasa ukhale wemuka nomklomelo wamagoli kwiBetway Premiership ngesizini edlule ka-2023/2024, emuva kokushaya awu-15 kwiligi. Wedlule ngelilodwa umgadli weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, obewaqhulula kwiStellenbosch FC.
Nakuba uMabasa ubeyishaya ephindelela inethi kodwa akayitholanga indawo esikwatini somqeqeshi uHugo Broos. Nakule sizini lokhu kusaqhubeka kwazise uphinde wasala ngaphandle esikwatini seBafana esizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelwa eMorocco, ngonyaka ozayo. Selokhu kwafika uBroos kwiBafana, uMabasa wadlala kanye, wakhishwa esiwombeni sokuqala. Lo mqeqeshi wazeseka ngokuthi akabanga yilo Mabasa ayembone edlala kwiPirates.
UMajoro, owadlalela iPirates neKaizer Chiefs, uthe isimo sikaMabasa simkhumbuza ngesikhathi esadlala, ezitshwa eqenjini lesizwe.
“Umqeqeshi wethu weqembu lesizwe usengenze ngamhlonipha ngenxa yokuthi wacela ukunikwa isikhathi sokuhlanganisa iqembu. Sikubonile akwenze kwi-Afcon. Ngokwami lokhu kukhombisa ukuthi ungumuntu onohlelo. Yebo, uMabasa udlala kahle, yebo uMabasa kumfanele ukuba seqenjini lesizwe kodwa kunesizathu sokuthi sibe nomqeqeshi. Umqeqeshi usesakhile isisekelo, uyakwazi akwenzayo,” kusho uMajoro.
“UMabasa ungumgadli omuhle futhi ubeshaya amagoli wonke amasonto. Kodwa nami ngabhekana nalesi simo ngesikhathi ngisengumdlali. Ngangishaya amagoli isonto nesonto kodwa ngingafakwa kwiBafana Bafana. Lokho kuyenzeka, akuyona into entsha. Akufanele kumphazamise, agcine engasadlali kahle eqenjini lakhe ngenxa yokuthi akangeni eqenjini lesizwe. Lezi zinto ziyenzeka, isikhathi sakhe siyeza.”
UMajoro wazakhela igama ebholeni laseMzansi eqhulula amagoli kuMaZulu ngo-2011,ngaphambi kokuthengwa yiChiefs. Nakuba wayebalwa nabagadli abesatshwayo kwiPremiership kodwa wagcina edlale imidlalo eyishumi kuphela kwiBafana.
“Yaqala ngisemncane le nto yokushiywa ngaphandle ezintweni. Ngisho sengigcine ngaphumelela ngangena kwiPSL, kwenzeka ngendlela eyamangaza wonke umuntu ukuthi ngisayine kuMaZulu, ngayo leyo sizini ngasayina neqembu elikhulu. Uma uMdali ekubusisa, uyabukisa. Mina ngaqala ngisemncane ukungabalwa ezintweni. Ngaba nentukuthelo, ngaphosa ithawula kodwa ngabuya ngaqhubeka,” kusho uMajoro.
“Ngakho noMabasa akumele aphose ithawula ngoba usemgudwini ofanele, yonke into ayenzayo uyenza kahle. Ukudlalela amaBhakabhaka akuyona into elula, kuyinto enkulu. Kufanele azincome athi ‘ngiselapha’ ngoba baningi abantu abakhalela ukudlala laphaya futhi bahlale isikhathi eside njengaye.”