KUBAHLUKUMEZILE abahlali baseSeacow Lake, eKenville, eThekwini, ukusha kwenqwaba yemijondolo ngoLwesithathu ekuseni, basala nabakugqokile.
Ngokuthola kweSolezwe, ngesikhathi lihambele indawo yesigameko, umlilo uqale komunye wemijondolo, umnikazi obengekho esemsebenzini.
Umhlali womphakathi, uMnuz Stayela Mkhize, uthe nhlanhla leyo akubanga khona muntu oshonayo esehlakalweni.
Echaza ngokwenzekile, uthe abahlali babone sekusha ubuhanguhangu komunye wemijondolo, yavele yathungelana yonke.
“Akukho okunye esikusolayo ngaphandle kukagesi. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi kuhamba ugesi umuntu ephekile, akhohlwe ukucisha istofu, ahambe aye emsebenzini. Kuthi uma usubuya ugesi bese kwenzeka inhlekelele enje,” kusho uMkhize.
Uthe bayadinga ukuthi balungiselwe inkinga kagesi, baxhunyelwe owangempela.
Uthe okubuhlungu ukuthi umlilo ushe abanikazi bemijondolo abaningi besemsebenzini, wathi bazobuya bengazi nokuthi bathatheni bahlanganise nani njengoba kushe yonke into.
Uthe nabebekhona, baphume nalokho ebebekugqokile njengoba umlilo ubusuvimbanise yonke indawo, kungaselula ukuthi umuntu alokhu eqoqa.
Omunye umhlali, uMnuz Thembalethu Mthembu, uthe basola ukuthi sizoba ngaphezulu kuka-100 isibalo sabakhahlamezekile njengoba abantu behlala ngabathathu, ngabane emjondolo uwodwa.
Waveza nokuthi abaningi bazokwazi ukubhaliswa kahle uma sebebuya emsebenzini.
Ukhale ngokungabhekelelwa nangezindlu zemixhaso uhulumeni ekubeni lifunwa ivoti labo, ethi ukube bayakhelwa, ngabe azikho izinhlekelele ezinje.
UDivisional Commander wezicishamlilo eThekwini obekhona endaweni yesigameko, uMnuz Reagan Gunkel, uthe babizelwe endaweni yesigameko.
“Izicishamlilo zethu zithe uma zifika zathola imijondolo ephakathi kuka-50 kuya ku-100 isha ubuhanguhangu. Ngenxa yobukhulu bomonakalo, kuphoqe ukuthi kwengezwe ezinye izicishamlilo nezinsizakusebenza,” kusho uGunkel.
Uthe izingane ezineminyaka engu-16 no-17, bathole ukuthi zihogele intuthu.
UGunkel uveze ukuthi bekusinda kwehlela njengoba imijondolo iminyene, namaphaseji akahle okuhamba engekho.
Uthe ithimba lezinhlekelele kuMasipala weTheku belisendleleni ukuzobheka ubungako bomonakalo.