UFISA ukuthi linyuke isasasa lomdlalo wamahhashi entsheni emnyama ujokhi waseMlaza, uSiphesihle Hlengwa, osekusele kancane aphothule izifundo zakhe.
UHlengwa (21), ongene esikoleni sojokhi iSouth African Jockey Academy ngo-2020, uzophothula izifundo zakhe ngoJulayi nonyaka.
Uthe wayengenalo ulwazi ngomdlalo wamahhashi ngaphambi kokuthi achazelwe ngomunye wothisha ababemfundisa eFairvale Secondary School, eWentworth, ambize ngoMnuz. Frederick.
“Ngikhulele kwa-P eMlaza ngingayicabangi nokuyicabanga indaba yokugibela amahhashi. Ngisemncane ngangifisa ukwenza iMechanical Engineering. Uthisha wami wangitshela ngamahhashi kusukela ngo-2017 kodwa ngakushaya indiva ayekusho,” kusho uHlengwa.
“Wangitshela ukuthi njengoba ngimncane ngomzimba futhi ngingemude, ngingakwazi ukufundela ukuba ujokhi bese kuba wumsebenzi wami lowo. Kwathatha cishe iminyaka emibili ukuthi ngiqale ukuba nentshisekelo yokwazi kabanzi ngalo mdlalo.
“Ukuthola kwami ulwazi oluthe xaxa kwaholela ekutheni ngifake isicelo sokufundela ubujokhi, ngenhlanhla ngathathwa. Angiphinda ngabheka emuva.”
Ihhashi lokuqala uHlengwa aligibela emjahweni nguCold Hard Cash kodwa uthe akukho okudlula umuzwa awuzwa ngesikhathi enqoba umjaho wakhe wokuqala egibele u-Etiquette ngoJanuwari ka-2022, waphinde wanqoba noBlue Sails ngosuku olufanayo.
“Yilapho ngabona khona ukuthi angilenzanga iphutha ngokungena kulo mkhakha wobujokhi. Yize kwakungelula ngesikhathi ngiqala ngenxa yokuthi kwakusafanele ngifunde okuningi ngokuphatha ihhashi kodwa sengikwelinye izinga manje, yize ngisaqhubeka nokufunda,” usho kanje.
“Ngingathanda ukuthi intsha emnyama yazi kabanzi mayelana nomdlalo wamahhashi nokunye okwenzekayo kuwona ngaphandle kokuba wujokhi ngoba ngicabanga ukuthi kungavula iminyango eminingi. Uma ngiphumelela, nabanye abaphuma endaweni efana nale engiphuma kuyona bangaba nentshisekelo yokusebenza namahhashi.”
UHlengwa uwubheke ngabomvu uMgqibelo ozayo lapho ezongenela khona umjaho wesibili, ongeminye eyandulela omkhulu weHollywoodbets Durban July. Uzobe egibele ihhashi likaGarth Puller, uQueue Wing, alibona lisethubeni lokunqoba.
Kulo mjaho uzoqophisana nojokhi abamnkantshubomvu abazobanga isicoco seDurban July emjahweni wesikhombisa eHollywoodbets Greyville Racecourse, okubalwa kubona noS’manga Khumalo, osewunqobe kabili lo mjaho omkhulu.
“US’manga nguyena engifunde lukhulu kuyena, ikakhulukazi ngesikhathi ngisafika kulo mkhakha. Nguyena ujokhi omnyama wokuqala esambona enza kahle. Eminyakeni edlule bakhona abanye engithole ukuthi ngiyasithanda isitayela abagibela ngaso njengoKabelo Matsunyane, Keagan de Melo nabanye. Ngiyafisa ngelinye ilanga ukufinyelela kuleli zinga abakulona, nginqobe imijaho emikhulu kuleli nasemhlabeni jikelele ,” kuphetha uHlengwa.