AMAZULU asengcupheni yokuhlukana nabaxhasi beminyaka abesitolo sakwaSpar. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuphela kwenkontileka yokusebenzisana futhi engakavuselelwa ngo-2024.
Sekuphele isikhathi iphephandaba lihoshe ukuthi ucu alusahlangani phakathi koSuthu nesitolo esidayisa ukudla, ekubeni sekuphele iminyaka singabaxhasi abaqavile beqembu ngaphansi kobuholi obehlukene. Akucaci kahle ngezizathu eziholele kulesi simo.
AbakwaSpar baqale ukuxhasa iqembu lisaphethwe nguPatrick Sokhela, owayelithenge kuSisa Bikisha wase-Eastern Cape, ngo-2005. Ngaphansi komndeni wakwaSokhela izelamani, uGraham noPeter O'Connor eziphethe kwaSpar, zazinezikhundla oSuthwini. Kuvela nokuthi zazinamasheya kuleli qembu.
UGraham wayeyiChief Executive Officer (CEO), uPeter abe yimenenja yeqembu.
Ngo-Okthoba 2, 2020, kuvele ukuthi uZungu uthenge wonke amasheya. Kanti umndeni wakwa-O'Connor awubanga usaba phambili njengoba bekwenzeka ngesikhathi iqembu lisaphethwe abakwaSokhela.
Ethintwa yiphephandaba uZungu, ukuphikile ukuthi seligqabukule ifindo lo mshado phakathi kwabo nabakwaSpar. Wathi angakuveza wukuthi iphelile inkontileka yokusebenzisana nenkampani.
"Engingakusho ukuthi iphele ngonyaka odlule inkontileka yokusebenzisana nabakwaSpar. Ukusebenzisana kwethu besilokhu sikuvuselela ngonyaka. Asikasithathi isinqumo sokuhlukana. Maduze sizohlangana ukuthola ukuthi lobu budlelwano bethu bumi kuphi," kubeka uZungu.
Ebuzwa ukuthi mangakanani amathuba okuqhubeka nobudlelwano, ushaye ngamafuphi, wathi:"Kungenzeka noma yini. Bungaqhubeka noma buphele".
Ngokohlu lwabaxhasi olugcine lukhishwe wuSuthu, uSpar useqhulwini. Ulandelwa yinkampani yezokuthutha iGrindrod, iDurban Tourism, eyokulondoloza imali iMazi Asset Management, Umngeni Water, Thule, Marble Gold, Umbro okungeyezinto zokudlala zeqembu, eyezimoto iMitsubishi, neWoodlands Diary ekhiqiza izinto ezakhiwa ngobisi.
Ukuphela komshado phakathi koSuthu noSpar kungasho ukuthi iqembu lizongena enkundleni selibhalwe abanye abaxhasi ngaphambili ejezini noma lizodlala ngejezi elingabhalwe lutho.
USuthu luzobuyela ensimini ngoFebruwari 13, selubhekene neStellenbosch, eDanie Craven Stadium.
Luye ekhefini lwe-Africa Cup of Nation ( Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast, lulele kweyesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-22.