‘
KUVELE ukuthi aneminyaka engu-16 no-17 amantombazane ayamaniswa nesiga sokunqunywa kwengane, isidumbu sagxishwa ebhakedeni eMkholombe, ePort Shepstone ngoMsombuluko.
Kuthiwa lo owabanjwa esepakishe ikhanda lengane emgodleni una-17. Nguye owabanjwa umphakathi wakhandwa ngamatshe waze wafa. Owesibili, okusolwa ukuthi wathumba ingane eneminyaka emibili wayedlulisela kumngani wakhe, usagcwele amathafa.
Le ntombazane ena-16 okuthiwa idabuka eMasinenge, ngaseMargate, kuvela ukuthi ifunwa uthuli ngokuthumba ingane uPhumelele Qhoboshiyane, okuthiwa wamheha ngokuthi ngama-chips. Abazifikela mathupha kusanda kwenzeka le nsambatheka bathi wathi angayinquma ingane, waphuza negazi layo.
UNksz Constant Mayikwa osekomitini lomphakathi eMkholombe, uthe amalungu omphakathi aphume inqina aze afika kubo kukamsolwa emva kokuhogela umkhondo ngemvelaphi yakhe.
“Sifice uninakhulu oveze ukuthi sekunesikhathi eside agcina ukumbona. Naye uthi abezwani, kubangwa ukuthi ufuna abuyele esikoleni. Kunabantu bendawo abathe bambonile ehamba emgwaqweni ngoMsombuluko,” usho kanje.
Uthe uninakhulu kamsolwa uveze ukuthi uzwa ngendaba uma ekhona endaweni njengoba engazihluphi ngokungena ekhaya.
Unina kaPhumelele, uNksz Thami Qhoboshiyane, uthe bazama ukuhlangana nomndeni kamsolwa okuthiwa usadukile ukuze bathole iqiniso.
"Njengoba ungithinta nje, sibheke khona eMargate ngoba nathi sifuna ukukhuluma nomndeni wakhe usilekelele ukuthi atholakale, ukuze sithole iqiniso ukuthi ikhanda lengane laliyiswa kephi. Sizwile ukuthi kuthiwa umsolwa useke wabonakala eMargate kodwa akazange afike kubo," usho kanje.
Uveze ukuthi umsolwa obulewe wumphakathi bathole ukuthi ngowaseBhobhoyi khona ePort Shepstone kodwa wayekhohlise abaqashe lapho ayevakashele khona wathi usuka e-Eastern Cape.
Ikhansela lendawo uMnuz Xolani Gasa, uthe bayile emndenini kaPhumelele ukuyobhonga emsanweni.
"Kukhona abalekelelwa ngakho ukufihla, kodwa okhulumela umasipala onelungelo lokwenaba kulokho. Izigameko zokulahleka kwezingane endaweni azikho ebesike sazizwa kuyaqala nje ngalesi esibuhlungu kangaka," usho kanje.
Ukusho lokhu nje, phambilini ngesikhathi Isolezwe likhuluma ngelinye ilungu lomphakathi, laveza ukuthi umsolwa obulewe wathi ikhanda babezolihambisa ezangomeni ezikhona endaweni, futhi baningi abenza lo msebenzi.