BABONA kuwumbango wemali yempesheni owesilisa waseLower Molweni, eThekwini, eboshelwa ukubulala unina, okuthiwa umgqibe emjondolo osegcekeni.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngoLwesine kodwa saze savela ngoLwesihlanu, kubulawe uNkk MaMkhize Zindela.
Umthombo uthe umndeni nomphakathi uthole ngesigameko ngoLwesihlanu, umsolwa esezame ukufihla isigameko, wathi umuntu osole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngumfowabo kamsolwa, naye ozalwa umufi, okuvela ukuthi usebenza amahora amade emsebenzini.
“NgoLwesine kuthiwa wabuya ebusuku kakhulu njengenjwayelo. Wazitshela ukuthi unina uselele. Kodwa uqale ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoLwesihlanu ezintatha, evuka elungiselela ukuya emsebenzini, waqaphela ukuthi unina akakavuki,” kusho umthombo.
Uthe umfowabo kamsolwa uhambe wayongqongqoza egumbini likanina lokulala, nakhona wangasabela.
“Uvele wavula egumbini likanina lokulala, wafica into elaliswe kahle embhedeni wakhe, nokuthe uma eyimbula, wathola ukuthi kulaliswe imicamelo. Ubuze umfowabo ukuthi uphi unina, ophendule ngokuthi uhambile waya emakhaya,” kuqhuba umthombo.
Udalule ukuthi udaba lokuya emakhaya kukanina akalukholwanga nokwenze ukuthi athi uma esesemsebenzini, ashayele esinye isihlobo ukuthi ake siphenye.
“Isihlobo sihambile saya ekhaya, savula zonke izindlu, okukhona kuzo nomjondolo ongavamile ukuvulwa. Kuwona siqaphele ukuthi kunenhlabathi ebikhombisa ukuthi isanda kumbiwa. Sithathe igeja samba, kwavela izitini. Sathi uma siqhubeka, kwavela icansi. Sase siyeka, sabiza umphakathi namaphoyisa. Yiwo athe uma emba, athola isidumbu sikamufi,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi ngaleso sikhathi umsolwa ubezihambele waziyela edolobheni ePinetown.
Umthombo uveze ukuthi ushayelwe umsolwa ucingo, wabuyiswa ngaphandle kokusola ukuthi kukhona asebekutholile, wathi uma efika, zamkhalela.
“Kuthiwa umbulalele impesheni. Asazi kodwa ukuthi bekuqalephi ize ibangwa,” kusho umthombo othe umsolwa ubengabonakali ukuthi angenza okubi kangaka, wathi abamazeli nezidakamizwa.
Isihlobo elingatholakalanga igama laso, sithe umndeni ngeke ukwazi ukukhuluma ngesigameko okwamanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Siyabonga Nala, livumile ukuthi libikelwe ngesigameko, lahamba laze layofika khona.
“Amaphoyisa amumbe sikhona umufi. Engingakusho nje ukuthi siwushaqise wonke mphakathi isigameko. Abantu abaningi bababaza isihluku, bamangazwa nawukuthi umsolwa ubulale unina,” kusho uNala.
Umsolwa uvelile enkantolo ePinetown ngoMsombuluko, icala lahlehliselwa uLwesibili oluzayo.