UZOQALA ngoJulayi umdlalo othi Homecoming, okuvela ukuthi uzovala isikhala somdlalo Isibongile and the Dlaminis, eyagcina ukushutha ngonyaka odlule ngo-Okthoba.
Lo mdlalo uzokhonjiswa kuMzansi Wethu (163), ngo-6.30 ntambama.
Kuvela ukuthi isinqumo sokuqeda umdlalo Isibongile, size ngemuva kokuthi wahlaselwa yizinkinga zokuphela kwemali, okwaphoqa ukuthi uqede ukushutha isizini yesibili kuphela.
Eyesithathu ayibange isaqala, okwaphoqa ukuthi iMzansi Magic imemezele izindaba zokuthi lo mdlalo uzothatha ikhefu lesikhashana.
Abandanga ngokuthi kwenzekani kodwa Isolezwe lathola ukuthi abalingisi nabasebenzi abaholi njengoba umnikazi wenkampani eyayiqopha lo mdlalo, uDuma Ndlovu, waboshwa ngenxa yokukweleta uphiko oluqoqa intela kuleli, iSARS.
IMzansi Magic ikhiphe isitatimende esishaye ngezinqamulelayo, lapho iveze khona izindaba zomdlalo omusha.
"Umdlalo okuzobe kugqame kuwo owesifazane osebenza ngokuzikhandla nonamandla, obuyela emakhaya ngemuva kokuhlala iminyaka edolobheni nalapho elahlekelwe khona yizinto eziningi wakhetha ukubaleka. Uma efika ekhaya akusafani nendlela ayegcine kuyiyona futhi naye sekunzima ukuthi abe wumuntu okhulele khona ngenxa yempilo abeyiphila," kuchaza u-Irvin Pooe, okhulumela iMzansi Magic.
Uveze ukuthi wumdlalo ozobe ugcwele izimpi zomndeni, abantu abagcwele inzondo kanye nokuthinta uthando.
Uthe ababukeli balo mdlalo okumele bakulindele wukuthi owesifazane uzokwazi yini ukubuyela esimeni abeyisona esahlala edolobheni noma izinkinga ezimkhiphe edolobheni zilokhu ziqhubekile nokumlandela.
Isolezwe lithole ukuthi inkampani enemidlalo eshisa izikhotha kulezi zinsuku okukhona kuyo umdlalo othi Cobrizi iTshedza Pictures, iyona eqopha lo mdlalo omusha..
Umthombo uthe kungenzeka ukuthi umdlalo omusha uzoqoshelwa eThekwini ngoba ngesonto eledlule kubonakale umnikazi weTshedza Pictures, uPhathu Makwarela, ekuleli dolobha ehamba nomlingisi uBrenda Mhlongo.
UBrenda uke walingisa emdlalweni weTsheza Pictures iThe River esiyaphela.