UBAZIWA njengomntwana waseZulwini uMfundisi Mzwenkosi Ephraim Gcwensa (73) oshone kuleli sonto ngoba watholakala ngesiphrofetho somholi wamaNazaretha wesibili, inkosi Jeromme Galile (JG) Shembe Ilanga.
Okhulumela amaNazaretha angaphansi komholi inkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe umfundisi watholakala ngesiphrofetho senkosi Ilanga.
“Silahlekelwe ngomfundisi Gcwensa. Nguyena obebekwe ethempelini eBuhleni futhi kunguye owazi konke okwenzeka khona. Umlando esinawo ngaye owokuthi abazali bakhe babebhekene nenkinga yokungabatholi abantwana. Baya enkosini Ilanga beyocela ukuthi babe nomntwana. Uma befika inkosi Ilanga yabatshela ukuthi, okhalweni lakwaGcwensa ngeke isabakhona ingane. Ngaleso sizathu inkosi yathi kungcono izobanika umntwana waseZulwini ngoba abasenamntwana ozobakhona enzalweni yabo” kusho uMcwabe.
Uthe wakhula wangena kuzona zonke izinhlaka zenkonzo kwaze kwaba ukhushulelwa esikhundleni sobufundisi.
Indodana kamfundisi Gcwensa, uMshumayeli Sihle Gcwensa, ithe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukayise.
“Ubaba ubengumuntu wenhlonipho engawufuni umsindo. Silahlekelwe kakhulu. Siyizingane zakhe singu-16 sesisonke. Wayenamakhosikazi amathathu. Amabili amadala okunguMaShange noMaLuthuli sebashona. Sekusele unkosikazi omncane uMaSibiya. Ubengumuntu owukhathalele umndeni wakhe. Nasenkolweni ubezinikele kakhulu nathi esifundisa ngayo inkolo,” kusho uMshumayeli Gcwensa.
Umfundisi Gcwensa ungowaseMaphephetheni eNdwedwe. Ubengomunye wezethenjwa zomholi webandla lamaNazaretha.
Kuthiwa kulindeleke ukuthi angcwatshwe ngeSonto khona eMaphephetheni.
EBuhleni ungomunye wabefundisi abebehlonishwa kakhulu. Wonke amathempeli abika khona eBuhleni lapho bekuhola khona umfundisi Gcwensa.
AmaNazaretha akhihla esikaNandi ngokushona kwakhe. Ukushona kwakhe kukhulunywa ngakho ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.