ITHIBELENE phakathi kwe-ANC ne-DA ePhalamende kulandela ukuthi uNgqongqoshe wezokuXhumana ehoxise ukumunyungwa koMthethosivivinywa iSABC Bill sekuqale nezigcawu zomphakathi.
Ngeledlule kubikwa ukuthi uNgqongqoshe uMnuz Solly Malatsi ovela kwi-DA, wazise uSomlomo uNkk Thoko Didiza ukuthi uyayibamba iSABC Bill.
Uthe umthethosivivinywa unamaphutha, unika ungqongqoshe amandla amaningi okuqoka ibhodi, futhi kawulethi isixazululo ngenkinga yemali ebhekene nomsakazeli womphakathi.
Ineminyaka indaba yeSABC yokuntula imali eyithola ngezikhangiso, ukukhokhelwa kwamaTV licence nokunye.
Lokhu akwehlanga kahle kusihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwalo myango ePhalamende, uNkk Khusela Sangoni Diko nephini likaMalatsi, uMnuz Mondli Gungubele.
Laba ababili bangamalungu e-ANC. UNkk Diko uthe siyamkhathaza isinqumo sikaMalatsi “odukisiwe” futhi sikhomba ukushabalala kweSABC.
“Izinkinga ezibhekene neSABC zidinga ukuxazululwa ngokushesha. Ungqongqoshe usitshengisa amandla anawo futhi uphazamisa uhlelo oseluqaliwe,” kusho usihlalo wekomiti.
UGungubele ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi isinqumo sikaMalatsi sizobhebhethekisa inkinga yokuntula kweSABC imali.
Uqhube wathi akusadingeki iSABC iqhubeke nenkinga yemali enayo ngakho izichibiyelo kumele zenziwe.
Ngakolunye uhlangothi iDA ithe ibambe ngakho iyasamukela isinqumo sikaMalatsi esincomile yathi siphusile futhi kuhloswe ngaso ukuqondisa izinto ngononina.
Ilungu leDA ePhalamende, uNkk Tsholofelo Bodlani libonge uMalatsi ngokusebenzisa amandla esikhundla asiphethe ukuze kusindiswe iSABC enkingeni yemali.
Uthe okufunwa yilo mthethosivivinywa ukunika ungqongqoshe amandla amaningi, nokugxambukela emsebenzini weSABC.
“Kulindeleke iSABC ilahlekelwe uR590 million onyakeni wezimali u-2024/25 isuka kuR1.1 billion oyakeni ofile. Sesilinde ukuzwa kungqongqoshe ukuthi ikuphi okuzokwenziwa ekuletheni isisombululo enkingeni yemali ebhekene neSABC,” kusho uNkk Bodlani.
Amahlelo ehlukene emphakathini okubalwa i-AfriForum neSANEF abeshaya amakhala ngeSABC Act.