IZINKUMBI zabantu abahola isibonelelo sabangatohozi kuleli sebeyalelwe ukuthi behlise amaphaphu, njengoba bezoqhubeka nokuthola lesi sibonelelo nangonyaka ozayo wezimali.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma nabezindaba, ngemuva komhlangano weKhabhinethi.
Uthe abantu abangadideki njengoba noNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, esezinhlelweni zokuthi siqhubeke lesi sibonelelo nangonyaka ozayo u-2025/2026.
“Abantu badidekile mayelana nalesi sibonelelo. Kunethimba elibunjiwe elibheka eyezinhlelo ezithinta eyalesi sibonelelo. Uma zingekho izinhlelo ezintsha ezizongena esikhaleni salesi sibonelelo, abantu bazoqhubeka nokusithola ngoba uhulumeni uyakubona ukubaluleka kwaso.”
Bangaphezu kuka-17 million abantu abafaka izicelo zokuhola lesi sibonelelo.
Kwenzeka lokhu nje, kunengebhe yokuthi kungenzeka siqedwe lesi sibonelelo emuva kokuba uGodongwana, athi babheka ezinye izinhlelo zokuthi bafake abahola le mali ezinhlelweni zemisebenzi kunokuthi baqhubeke nokukhokha lesi sibonelelo.
UNksz Ntshavheni uveze nokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzobiza “umhlangano womndeni” lapho ezokhuluma khona nesizwe ngezinhlelo zikahulumeni zokunqanda izehlakalo zokushona kwezingane ezisuke zidle ukudla okunobuthi, okusuke kuthengwe ezipaza noma kwabadayisa ngaphandle kwezikole.
Uthe uRamaphosa uzokhuluma nesizwe maduze, ngeke liphele leli sonto.
“Angifuni ukuqagela ukuthi uzokhuluma nini nezwe kodwa kuzoba yileli sonto. Uma sekuphothulwe yonke into kungaba ikusasa (namhlanje) kodwa yena uzokhuluma nezwe ngalesi sihlava,” kusho uNksz Ntshavheni.
Usho lokhu kulandela ukushona nokugula kwezingane ezindaweni ezehlukene kuleli.
Phezu kokuba kunekhwelo elivela emphakathini ukuthi kujutshwe amasosha ukuze kubhekwe lezi zitolo kodwa uNksz Ntshavheni, ukuchithile lokhu.
“Azikho izinhlelo zokuthi kujutshwe amasosha ekutheni ayobheka izinto ezidayiswa kulezi zitolo. Kukhona okwenziwa yithimba longqongqoshe ukuqinisekisa ukuthi kuyabhekwana nale nkinga.”
Uthe kunethimba elihlanganisa ongqongqoshe bezokuphepha odabeni lwezipaza, wathi yingakho singekho isidingo sokujuba amasosha.
Uveze ukuthi abayotholakala ukuthi banesandla ekuguleni nasekufeni kwezingane bayothathelwa izinyathelo.
Ubuye waveza nokuthi uNgqongqoshe wezokuXhumana, uMnuz Solly Malatsi, akazange ayithole imvume yokuhoxisa uMthethosivivinywa wakwa-SABC, osePhalamende.
I-SABC ibhekene nezinselelo ezithinta imali kanjalo nezithinta ukusebenza kwale nhlangano.
“Lo Mthethosivivinywa wakwaSABC wagunyazwa yiKhabhinethi ukuthi uyiswe ePhalamende. Akuwona okangqongqoshe kodwa oweKhabhinethi. Akakwazi ukuwuhoxisa engazange avumelane neKhabhinethi.”