KWAYEKELELWA ezandleni ze-National Prosecuting Authority (NPA) ukwengezwa komculi uKelly Khumalo ohlwini lwabamangalelwa abayisihlanu abasolwa kwelokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe umphenyi omkhulu kuleli cala, uBrigadier Bongani Gininda njengoba eqhubeka nokuphoswa imibuzo ummeli u-Advocate Sipho Ramosepele eNkantolo eNkulu yasePitoli, izolo.
UGininda uthe emva kokuhlaziya ubufakazi obehlukene, okukhona kubo nobemiqhafazo uKelly ayeyithumelele udadewabo uZandy Khumalo-Gumede, wakubona kufanele ukuthi uKelly engezwe njengomsolwa wesithupha.
Uveze ukuthi le miqhafazo, uKelly wayeyithumele uZandy esikhathini esingangonyaka ngaphambi kokubulawa kukaMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa kubo kaKelly ngo-Okthoba 2014.
Emiqhafazweni kukhona othi: “Ngizizwa ngikhathazeka emoyeni, uSenzo ufike empilweni yami nefu elimnyama, uNkulunkulu sengathi uyangijezisa ngokugcina le ndoda empilweni yami.”
Omunye uthi: “Ngiyazisola ngakho konke. Ngabe kungcono ukuthi ngangingamlethanga empilweni yami (uSenzo). Amanga akhe asenomthelela kithi sonke.”
Omunye uthi: “Angikwazi ukulinda usuku engasekho empilweni yami.”
Omunye uthi: “Sengiyasondela osukwini engizokhululeka ngalo.”
UGininda ube esethi ukuvela kwale miqhafazo ebalelwa kwewu-12, okwabuye kwamenza wabona kufanele ukuthi enze isicelo sokuthi aboshwe noKelly ngecala lokubulala nelokuhlanganisa itulo lokubulala (uSenzo).
Uthe lokhu wakwenza ngaphambi kokuthi abamangalelwa bayovela okokuqala enkantolo kodwa abashushisi bathi ngeke aboshwe uKelly okwamanje.
“Mina njengephoyisa ngangingenamandla okuphikisa lokho. Nakuba i-NPA ingakugunyazanga ukuthi kwenzeke lokhu kodwa ngifuna ukucacisa ukuthi kwakungasho ukuthi ayivumelani, kwaba ukuthi kwakungakabi yisikhathi esifanele,” kusho uGininda.
Ubuye waveza nokuthi ukudonsa kweselula kaKelly abika ukuthi yebiwe abangena endlini, embhoshongweni iMoleleki, osondelene nehostela (Abasuthu) okuvele ukuthi kwakuhleli kulo abasolwa ngaphambi nangemumva kwesigameko, kuyaziqinisa izinsolo zokuthi bayathinteka.
Uthe uma ngabe isitatimende sokuthi iselula yebiwa sasingamanga, ngabe iselula yadonsa kanye namanye abo bonke ababesendlini esibhedlela, okuthiwa baya kuso emva kwesigameko.
“Iselula ayikwazi ukuzihambela, yafika ngomuntu eduze kombhoshongo iMoleleki,” kwengeza uGininda.
Ubuye wathi nokufakazelana kwezinye zezitatimende zofakazi, kuyaziqinisa izinsolo zokuthi abasolwa bayathinteka.
Phakathi kwazo, ubalule esikaConstable Sizwe Zungu, owaveza ukuthi yena wababona abasolwa ehostela emini ngaphambi kwesigameko nasebusuku, emva kwaso.
Kulesi sitatimende, uZungu uveza ukuthi ummangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, wangena egqoke ijakhethi emnyama enesigqoko ebusuku kodwa wabuye wayikhumula wafaka enye engomunye umbala.
Uphinde wayamanisa isitatimende sokugonyuluka kwakhe uNtanzi, lapho eveza khona ukuthi wayenommangalelwa wesithathu nowesihlanu endaweni yesigameko.
“Lesi sitatimende sifakazelwa esikamakhelwane wakwaKhumalo, uNthabiseng (Phiri), othi wabona abantu abathathu abadlula begijima ngokwehlukana emva kokuqhuma kwesibhamu izikhawu kwaKhumalo, ngesikhathi ehleli nomngani wakhe emotweni ngaphesheya kwakaKhumalo ngesikhathi okwenzeka ngaso isigameko,” kusho uGininda.