UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe sebethathe isinqumo sokunqanda ukubhebhetheka kokufa kwezingane emuva kokudla ukudla okunobuthi.
URamaphosa uthe bakhiphe umyalelo wokuthi wonke amathilomu athinteka ekufeni kwezingane kufanele avalwe ngokuphazima kweso.
Ubuye wathi wonke ama-spaza shop adayisa ukudla nalezo zindawo ezinokudla abhaliswe ngokusemthethweni ngaphansi komasipala kungakapheli izinsuku ezingu-21.
"Nanoma yisiphi isitolo esingabhalisiwe ngokusemthethweni emuva kwezinsuku ezingu-21 noma esingahlangabezani nemigomo yabezempilo sizovalwa."
URamaphosa uthe abanikazi bezitolo abazoqhubeka bahwebe ngisho bengasavumelekile bazowuchama, bawuphuze ngoba abakwasidlodlo bazongena bephuma kuzozonke izitolo bezobheka ukuthi zonke izitolo aziyiphulile yini imigomo ebekwe wuhulumeni.
Eqhuba uRamaphosa uthe yonke imithi yokubulala izilwane ayisadingakali kubadayisi basemigwaqweni.
Uthe lomkhankaso wokuqinisekisa ukuthi izitolo ezigunyazwe ukuba zidayise into edliwayo kuphela ezivumeleke ukuhweba, uzoqala KwaZulu-Natal naseGauteng.
Uthe inhlosongqangi ukunqanda ubhubhane oseludlule nenqwaba yemiphefumulo kuleli.
Umengameli uphinde wakuchitha ukuthi izitolo ezidayisa ukudla okunobuthi ngezabantu bokufika kuphela.
Uthe uMnyango wezeMfundo yamabanga aphansi uzoqinisekisa ukuthi izikole ziyaqikelela ukuthi abantu abalethela abafundi ukudla nababadayiselayo bayayilandela imithetho.
URamaphosa uthe kunomkhankaso ozophunywa ukuqwashisa umphakathi ngalobubungozi. Uthe kunesikhwama esizosungulwa sikaR500 million ngenhloso yokuxhasa abantu abafuna ukuba nezitolo. Unxuse abantu abalamela ukudla osekudlulelwe yisikhathi nokuwumbombayi ukuba bathinte abeNational Consumer Commission ku-012 065 1940.
Uthe kuzofanele izingane ziqeqeshwe ukuze zikwazi ukubona ukudla osekudlulelwe yisikhathi nokuwumbombayi.
Omasipala badonswe ngendlebe ukuba bachabe, babhushe futhi bacente izindawo okungenzeka ukuthi zifuye amagundane.
Uthe uNgqongqoshe wezeMfundo bazohlonza imithi okungafanele isetshenziswe ezikoleni.
Umengameli ubuye wazwelana kakhulu nezingane ezihlaselwe wukugula kanye nemindeni eshonelwe.